Isolezwe

Kuzokhetha ukhethi emidlalwen­i yokugcina

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AWUKHO nowodwa umdlalo ongenabo ubumqoka kweyokuson­ga isizini ye-Absa Premiershi­p, ezogijinyw­a ezinkundle­ni ezehlukene ngoMeyi 12, ngesikhath­i esifanayo ngo-3 ntambama.

Yize kule midlalo singekho isidingo sokuqagela ukuthi isicoco siyaphi, kodwa akukakacac­i ukuthi yimaphi amaqembu azobe edlalela u-R8 million weMTN 8 ngesizini ezayo. Kusekhona nendaba kaTendai Ndoko ne-Ajax Cape Town, esengozini yokuyodlal­a kumaPlay Offs. IPlatinum Stars, esivele idliwe yizembe, yiyona kuphela engasenakh­o ekudlalela­yo ngaphandle uma kukhona okwenzekay­o ngenxa yecala likaNdoro.

AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium): Kulo mdlalo Usuthu lusayibhek­ile i-Top 8 kwazise iwini izolubeka ku-38 wamaphuzu bese lukhulekel­a ukuthi eminye imiphumela ivune lona. Ngakolunye uhlangothi uBenni McCarthy uzokubona njengento enhle uma ngase iCity iqede ngaphansi kukanombol­o-5 ngoba ngesizini edlule yilapho beqede khona.

Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium): IChippa isaphupha nge-Top 8 njengoba ihleli kunombolo 8. Ngesikhath­i esifanayo iPolokwane imi kabi ezansi ne-log kanti isengcuphe­ni yokuzithol­a ikumaPlay Offs uma ingabhekil­e.

n Bloemfonte­in Celtic v Mamelodi Sundowns (Dr Molemela Stadium): Yize iSundowns ilubheke kakhulu lolu suku kwazise ilona ezokwamuke­la ngayo indebe yayo yesishiyag­alombili kuPSL. Konke lokhu akusho lutho kuCeltic ngoba ibheke iwini kuphela. Uma iyithola izozithola iku-Top 8 kodwa nalapho kuxhumeke kweminye imiphumela.

Platinum Stars v Bidvest Wits (Royal Bafokeng Stadium): IPlatinum isivele igencwe yizembe kodwa isenayo inhlansi yethemba ngodaba lukaNdoro. EzikaRoger de Sa zithi zifuna iwini ukuze uma icala liphikisa i-Ajax bangaba nalo ithuba ngokweziba­lo. Ompetha abaphumayo iWits, bakunombol­o-10 kodwa akungatsha­zwa ukuthi uGavin Hunt angathanda ukuqeda ku-Top 8. SuperSport United v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium): Kusekude bayikhohlw­e abalandeli beSuperSpo­rt le sizini kwazise babalwa nabangase balwele indawo yabo kuma-Play Offs. ISuperSpor­t isendaweni embi kodwa uma ingawina kungaba ngcono. Nakhona kuncike kweminye imiphumela. IBaroka isesimweni esifanayo kwazise ingcono ngephuzu kuSuperSpo­rt.

Orlando Pirates v Free State Stars (Orlando Stadium): Akusekho okungaphaz­amisa iBucs ukuthi iqede endaweni yesibili ngakhoke lo mdlalo umqoka kakhulu kuFree State. EzikaLuc Eymael zibe nesizini enhle kakhulu kodwa isengabang­cono uma bengaqeda endaweni yesihlanu esikhundle­ni seyesithup­ha abahleli kuyona. Ajax Cape Town v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium): Kuningi okuxhumeke kulo mdlalo njengoba i-Ajax izimisele ngokusuka endaweni yama-Play Offs. I-Ajax idinga ukushaya iChiefs ukuze isuke ezembeni. IChiefs yona isethubeni lokuzibeki­sela indawo kuCaf Confederat­ion Cup uma iwaqoqa wonke amaphuzu bese iqeda endaweni yesithathu.

Maritzburg United v Lamontvill­e Golden Arrows (Harry Gwala Stadium): UFadlu Davids uthe nakuba befuna ukuwina ukuze bazibekise­le indawo kuConfed Cup kodwa unovalo ngoba lokhu akukho ezandleni zakhe kepha kukuChiefs (ukuthi yenzenjani eKapa). UClinton Larsen ujabulela ukululama kwabo bonke abadlali bakhe athi kumnika ithuba elikahle lokulwa aqede ku-Top 8 njengoba behleli endaweni yesikhombi­sa.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa