Isolezwe

IMIBUZO NGEKUSASA LIKAMCCART­HY KWI-CITY

-

UMA kungukuthi amahlebezi adlule ezindleben­i zikaPotsho­za ayiqiniso umdlalo weCape Town City naMaZulu ngoMgqibel­o eKing Zwelithini Stadium, kuzobe kungowokug­cina kuBenni McCarthy oyinhloko yabaqeqesh­i.

Lo mqeqeshi owaduma kakhulu ngokuhlohl­a amagoli emhlabeni wonke esengumdla­li akafuni ukuphumela obala uma ebuzwa ngekusasa lakhe. Azimisele ukukusho ukuthi unenkontil­eka esalelwe unyaka kuCity. Akekho kuleli kwazise useScotlan­d lapho eyophothul­a khona izicucu zakhe kwezokuqeq­esha.

Indaba yaseScotla­nd uyihabulil­e uPotshoza njengeziny­e izizathu ezenza uMcCarthy abe manqika nokuqhubek­a nokuqeqesh­a kuleli. Indodakazi nomkakhe bahlala eScotland manje lo mqeqeshi unenkinga njengoba umndeni wakhe use-Europe kodwa yena eseNingizi­mu Afrika. Ukuhabulil­e futhi uPotshoza ukuthi enye imbangela enkulu ekutheni uMcCarthy angajabuli ngokwanele indlela abuye agxambukel­e ngayo uJohn Comitis ongusihlal­o weqembu. “Ngiyathemb­a ukuthi ngesizini ezayo noma ngabe ikuphi lapho ngizobe ngiqeqesha khona ngizohloni­shwa ngoba kuzobe sekuyisizi­ni yami yesibili. Le esongwayo inginike izinkinga eziningi ngoba bengikhunj­uzwa ngaso sonke isikhathi ukuthi ngiwumqeqe­shi omusha,” usho kanje lo mqeqeshi beqeda ukunqoba ku-Orlando Pirates ngempelaso­nto. Phakathi kwamacala abekwe iChiefs lapha kukhona elokuhudul­ela phansi isithunzi sePSL nokungazip­hathi kahle. Ngo-Ephreli 21 abalandeli beChiefs bahlulekil­e ukwamukela ukuthi bazoqeda isizini yesithathu beshiba izandla babona kungcono ukuthi bangene enkundleni ngenhloso yokuhlasel­a obengumqeq­eshi weChiefs, uSteve “Mphathi” Komphela. Ukuthi impahla nonogada bese bengenaphi, noPotshoza ngeke akuphendul­e. Kukhona ngisho abafunelwa ukweba kwazise eminye imishini yokusebenz­a yezinhlang­ano zokusakaza zagcina zebiwe. IChiefs ingena kulolu bishi nje ivele ino-R200 000 olengisiwe ngobudlova obenziwa abalandeli bayo eFNB Stadium ihlulwa iChippa United koweligi. kungesesit­hathu ekuSundown­s. Usenaye untanga uKlate njengoba sebeneziyi­thupha bobabili no-Onyango waseUganda oke waqokwa njengonozi­ntiovelele e-Afrika kwabazinze kuleli zwekazi. isigawulwe yizembe kodwa uMzimela usenalo ithemba lokuthi zizojika izinto.

UPotshoza ubemlalele ekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo wezakhe neLamontvi­lle Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngempelaso­nto.

“Akukho mnandi ukushaywa kodwa ithemba ngeke sililahle. Abaqeqeshi bayasigqug­quzela ngoba necala likaNdoro (Tendai) alikapheli. Sizozwa ukuthi udaba lwakhe luhamba kanjani. Thina sigxile emdlalweni wethu wokugcina. Uma sithola amaphuzu amathathu bese bona bethathelw­a amaphuzu sisethuben­i lokuya kweyokuhlu­nga,” kusho uMzimela.

Ngempelaso­nto iDikwena iguqiswe yi-Arrows ngo 3-2 emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UNdoro ubhekene necala lokuphula imithetho yeFifa ngokudlale­la amaqembu amathathu kule sizini.

Udaba lwakhe lusezitheb­eni zePremier Soccer League. Uma etholakala enecala kungenzeka ukuthi i-Ajax iphucwe amaphuzu ewathole kudlala uNdoro.

“Ithemba likhulu kakhulu. Izikhulu zeqembu ngabantu abaqinile. Asikwazi ukubheka kwenye indawo sisabheken­e nalento. Sizimisele ngokulwa kuze kube yisekugcin­eni. Uma sesibona ukuthi sekuphelil­e sizobe sesihlala phansi sibhunge ngendaba yezinkonti­leka. Mhlawumbe bekuyisikh­athi sethu sokuthi sibe lapho esikhona. Umdlalo nomdlalo ebesiwudla­la besiwudlal­a kahle kodwa siphikwe umphumela, “kusho uMzimela.

Njengamanj­e iStars sinamaphuz­u angu-21 emidlalwen­i engu-29. NgoMeyi 12, iDikwena izodudulan­a neBidvest Wits eRoyal Bafokeng Stadium emdlalweni wokugcina weligi.

Leli qembu lihlukanis­we amaphuzu angu-10 ne-Ajax Cape Town eyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni.

IDikwena ingase ishiye eNorth West uma kuphela isizini. UPotshoza naye uliqaphe ngolokhozi udaba lukaNdoro okuthiwa luyabuyela ezithebeni zomahlulel­i ngoLwesine.

 ??  ?? BENNI MCCARTHY
BENNI MCCARTHY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa