‘Kunezinhlelo zokusoconga uBlade’
KULINDELEKE ukuthi uNobhala Jikelele weSACP uDkt Blade Nzimande avule icala lokusatshiswa kuleli sonto emuva kokuvela kwemibiko yokuthi kukhona abahlela ukumsoconga.
Lezi zindaba zivezwe yiPhini likaNobhala Jikelele wesibili kwiSACP uMnuz Solly Mapaila.
UMapaila oseke wathola izinsongo zokubulawa ngonyaka odlule uthe bakhathazekile ngokuphepha kukaNzimande nokomndeni wakhe.
“Uma uNzimande ebuya phesheya lapho eyokwenza umsebenzi weSACP sifuna avule icala ngoba kunabantu abasikhombise ubufakazi betulo lokumsoconga. Abantu abafuna ukumbulala baKwaZulu-Natal futhi basebenzisa uphiko lwezobunhloli. Lokhu sikuthole kubantu abebeyingxenye yezinhlelo zokumsoconga kodwa abangasathandi ukwenza lokhu,” kusho uMapaila.
Uthe basola ukuthi uNzimande uhlelelwa itulo ngoba engahambisani nenkohlakalo ayithole eMnyangweni wezokuThutha.
UMapaila uphinde wacela abaqashi ukuthi bathole isixazululo sesiteleka samabhasi ngokuthi balalele izimfuno zabasebenzi.
Kolunye uhlangothi oKlebe baphenya izinsolo zokuhlelwa kwetulo lokubulala uNdunankulu waseNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, emuva kokuthi evule icala esiteshini samaphoyisa esiseMahikeng.
UMahumapelo uthe kunezinkabi esezikhokhelwe uR250 000 uma ziqeda ngaye.
UCaptain Tlagelani Rikhotso, woKlebe eNorth West, uthe icala livulwe ngoMgqibelo idokodo ladluliselwa kubona ngeSonto (izolo).
Akusikhona okokuqala uMahumapelo esatshiswa ngokusocongwa kwazise ngoOkthoba wonyaka odlule, ikhansela lakuMasipala waseMahikeng uNkk Eunice Legalatladi lagwetshwa iminyaka emihlanu ngokuhlela itulo lokubulala uMahumapelo.
Kulindeleke ukuthi uMahumapelo acacise ngekusasa lakhe lezepolitiki emuva kokuthi ikomidi elibhekelele ukusebenza kwe-ANC liphakamise ukuthi makehle esikhundleni. Abahlaziyi bepolitiki bathe nakanjani i-ANC izomhoxisa uma engazehleli.