Ngeke babekezelelwe abathenga amavoti kolwe-ANC
AZOXOSHWA amalungu e-ANC eGauteng, azozama ukuthenga amavoti ukuze adle umhlanganiso engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ezoba ngenyanga ezayo.
Izolo, ubuholi obuphezulu baseGauteng buthe bumi ngomumo ngamalungiselelo engqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba ngoJuni futhi kuzoqala izingqungquthela zezifunda ezinhlanu ngaphambi kokuthi kukhethwe abaholi abazophatha esifundazweni.
Izingqungquthela ze-ANC ezifundazweni ezihlukene zigubuzelwe yizinsolo zokuthengwa kwamavoti nokuvinjelwa kwezithunywa ukuba zivote.
Ubuholi bezinye izifunda okubalwa eziseFree State naseGauteng bugcine buhlakaziwe emuva kokuthi amaqabane anganeme ehambise udaba enkantolo.
USihlalo osabambile we-ANC eGauteng futhi owuNdunankulu uMnuz David Makhura uthe nakuba bekwamukela ukuthi amaqabane azokhankasela abantu abathile kodwa inkohlakalo ngeke bayibekezelele.
Uthe ayikho inkinga ngokukhankasa nezinkulumo mpikiswano kodwa akudingeki izikhali, udlame nemali ukuze imiphumela ivune abathole.
UMakhura ubeyiphini likasihlalo eGauteng uMnuz Paul Mashatile osengumgcinimafa we-ANC.
Kulindeleke ukuthi uMakhura abe ngusihlalo waseGauteng. UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi kulindeleke aqokwe abe yiPhini likasihlalo. Negama likaSihlalo waseTshwane uMnuz Kgosientso Ramokgopa liphezulu.
I-ANC eGauteng imise izishoshovu ezinhlanu ezisolwa ngokuphazamisa imihlangano yamagatsha ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi bukazwelonke be-ANC ebingonyaka odlule.
UNobhala we-ANC eGauteng, uMnuz Hope Papo uthe ngeke bakubekezelele ukuphazanyiswa kwemihlangano yamagatsha futhi abazotholwa benza lokhu bazoxoshwa.
Uthe emagatsheni angu529 angu-471 azokwazi ukuya engqungqutheleni emuva kokutholwa esesimeni esihle.