Kwelulekwe abezitokofela kwaBester
UKUPHUCWA yindoda imali yesitokofela kungenye yezindlela zokuhlukunyezwa kwabesifazane okungenzeka zigcine ziholele ekutheni owesifazane abulawe.
Lokhu kushiwo wuNkk Nomsa Zungu wenkampani yabameli iZungu Incorporates ngesikhathi kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi wabantu abangamalungu ezitokofela obuhlelwe ngabakwaPick n Pay obukwaBester ngoMgqibelo.
UNkk Zungu uthe ukulawulwa kowesifazane ukuthi ayisebenzise kanjani imali ayithole ngokudlala isitokofela kungukuhlukunyezwa futhi okungenzeka kudlulele esigabeni esilandelayo.
“Abantu besifazane abaningi badlala izitokofela, bese bexoxela abayeni namasoka ukuthi balindele ukuthola imali engakanani. Abanye ngosuku lokuyolanda imali basuke sebephelezelwa yiwo amadoda. Akugcini lapho amanye aze athathe ikhadi uma kuwukuthi imali yesitokofela ifakwe ekhadini ngoba enomona wokuthi wona ahlulekile ukubeka imali njengomuntu wesifazane. Amanye asuke ekwenza lokhu ngoba ekholelwa ekutheni kumele alawule konke okwamakhosikazi awo. Uma udlala isitokofela unelungelo lokwenza lokho osuke ukufisa ungavinjwa nguphathina wakho ngokukuphuca leyo mali,” kusho yena.
Uqhube wathi kwabanye lo mkhuba uze ugcine ufinyelele ezingeni lokuthi umuntu wesifazane ashaywe ngoba enqaba ukukhipha imali yesitokofela.
UNkk Rowena Govender, wakwaPick n Pay, uthe le suphamakethe ngokusebenzisana nebhange i-Absa linendlela entsha yokusiza amalungu ezitokofela yokuthi imali ebigcinwe ebhange uma sekushaye isikhathi sokuhlukaniswa ifakwe ekhadini lawo amalungu alisebenzisa uma ethenga.
UMnuz Sifiso Khumalo, wakwaAbsa, uthe amalungu ezitokofela bawalekelela ngokuthi ahlele ibhajethi yawo futhi akwazi ukukhetha i-akhawunti ehambisana nawo.
UNkk Sibusisiwe Shezi, woMbonowethu Women’s Club oseNanda, uthe kuningi okusamele bakufunde ngokuphathwa kwezitokofela njengokuthi imali ingasetshenziswa yonke ngoDisemba kodwa ibekelwe izidingo eziningi ezikhona phakathi nonyaka.
URami Chuene, olingisa indawo kaGracious Mabuza kwiThe Queen obephethe uhlelo, ululeke amalungu ezitokofela ezisanda kusungulwa ukuthi athole izeluleko ezitokofeleni esezinesikhathi eside zasungulwa ukuthi zenza kanjani ukuthi kuze kuphele iminyaka engaphezu kweshumi zikhona.
“Akuyona into elula ukuthi abantu abangazani bahlangane benze into eyodwa, kuba nokungaboni ngaso linye ngezinto ezithinta izimali nokunye, sigcine sihlakazekile isitokofela. Uma kunabantu abakwazi ukudlula kulezo zinkinga baqhubekele phambili ngithemba ukuthi kuningi esingakufunda kubo,” kusho yena.