Othisha bakwaGrade R abafundise kanjani bengaholile?
KUNAMALUNGU ezinyunyana zothisha ayebhikisha ngaphandle kwasesiShayamthetho ngesonto eledlule ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZuluNatal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ethula isabelo-mali.
Phakathi kwezinto lamalungu abekhala ngazo ukungaholelwa kothisha abangu-6000 esifundazweni abafundisa uGrade R. Nelayizolo lishone labothisha bengakaholelwa bonke. Umholo wabo bekufanele ungene ekupheleni kwenyanga ngoMsombuluko owedlule.
UMnyango wezeMfundo waxolisa ngalokhu wathi uyalusukumela udaba. Uqale ukubaholela ngoLwesine kanti abanye bahole ngempelasonto.
Awuphumelanga obala umnyango ukuthi yini inkinga njengoba wajaha ukuthi uyalusukumela nje udaba kuphela. Lesi senzo somnyango sikufakazelile okuhlale kushiwo yizinyunyana ukuthi uhulumeni awunandaba nothisha abafundisa uGrade R.
Kwenziwa yini ukuthi umnyango ucabange ukuthi kulungile ukuhlukumeza othisha bakwaGrade R ngale ndlela? Okokuqala bavele bahola utiki manje umqashi wabo useyengeza ezinkingeni zabo zemali ngoba kusho ukuthi besekudingeka baboleke ukuze bakwazi ukuya emsebenzini ngesonto eledlule nanokufeza ezinye izindleko abantu abazifezayo uma kuphele inyanga.
Ngisho kufanele banyuselwe imali labo thisha kuba ngumzukuzuku umnyango ubamba uyeka ngisho kusuke sekuvunyelwene.
Isisekelo semfundo asive simqoka futhi izikole zezinye izinhlanga eziningi zivame ukwenza kahle nje ngoba iyaqikelelwa indaba yesisekelo ingane esitholayo ukuze ithi iqhubeka namanye amabanga kube kwasekuqaleni kwakuqalwe kahle.
Akwanele ukusho ngomlomo kukahulumeni ukuthi uzimisele ngokulungisa imfundo uma usazokwenza kanjena ngemfundo eyisisekelo.
Kuthiwa abafundise kanjani othisha bengaholile, mhlawumbe abanye bafike emsebenzini bengasenakho nokudla futhi beshiye kwazingane zabo zingenakho ukudla.
Engathi impela kudingeka uNgqongqoshe kazwelonke, uNkk Angie Motsekga, awubhekisise lo Mnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngoba ngathi kukhona ngempela okungahambi kahle khona.