Gwema izinkampani ezethembisa inzalo eyedlulele
EZABATHENGI
SEKUKANINGI Isolezwe lishicilela izixwayiso zokuthi abathengi bangayitshali imali yabo ezikhwameni ezibathembisa inzalo edlulele.
Kuleli sonto ngibhalelwe nguMnuz Shozi owabona isikhangiso seMpunga Holdings (PTY) Ltd kwiSolezwe wase etshala u-R20 000 ngo2015. Ngokwesivumelwano anaso neMpunga Holdings imali yakhe ibizobuya isiwu-R40 000.
Kuwukuthi uzokhokhelwa u-R20 000 wokuqala ngoJuni ka-2016 bese ethola owesibili ngoFebhuwari ka-2017 kodwa kuze kube manje akakayitholi imali yakhe.
Ngesikhathi ngithola izikhalo ngeMpunga Holdings ngabikela ithimba lezokukhangisa ngaze ngacela imininingwane yomnikazi wenkampani. Ngebhadi akalubambi ucingo lwami futhi akawaphenduli namaemails abhalelwa wona.
UShozi ulufake enkantolo udaba lokungakhokhelwa kwakhe kanti inkantolo ithole ukuthi imininingwane yeMpunga Holdings isishintshile, ube eselufaka kubameli abayalele
iMpunga Holdings ukuba imkhokhele kodwa phezu kwalokho ubengakayitholi imali yakhe.
Ezabathengi zicela uShozi aludlulisele kwiFinancial Service Board (FSB) udaba lwakhe ngoba iyona elawula izinkampani ezisebenza ngemali.
Ngiphinde ngathintwa ngomunye umthengi owatshala u-R30 000 enkampanini ebizwa ngeProfit Trading, inkinga yakhe wukuthi akayitholi inzuzo ayethenjiswe yona.
IProfit Trading ibinamahhovisi eMhlanga naseSandton kodwa manje akuqondakali ukuthi isisebenzela kuphi kwazise amahhovisi ayo avaliwe futhi nezingcingo zababesebenza khona sezikhala umlibe zingabanjwa muntu.
Uphenyo lwami luveze ukuthi iProfit Trading yayisungulwe wusomabhizinisi waseMgungundlovu uMnuz Myles Ndlovu owaboshwa ngonyaka odlule emuva kokuvulelwa amacala abantu ababetshale imali enkampanini yakhe.
Kuvela ukuthi iProfit Trading ibinemali engaphezu kuka-R52 million esikhwameni sayo kanti njengoba uNdlovu eboshiwe akucaci ukuthi abantu bazoyithola kanjani imali yabo.
Esimeni esinjena abantu kufanele bavule amacala ukuze uma ibhange lombuso namaphoyisa eseqede umsebenzi wawo, ababetshale imali babuyiselwe ezosala.
Bathengi khumbulani ukuthi kuyicala ukutshala imali ebhanoyini ngisho noma linamahhovisi eSandton naseMhlanga njengeProfit Trading.
Abe-FSB baveze ukuthi le nkampani ayibhalisiswe ngokusemthethweni ukuthi yeluleke abantu ngezimali.
Imvume yokusebenza kweProfit Trading yahoxiswa ngoSepthemba 2016.
Inkampani yesibili abantu okungamele bazihlanganise nayo yiCapital Loans ebolekisa ngemali ezalayo kwi-internet.
Eyesithathu inkampani okufanele igwenywe yiStockpair.net esiza abatshala imali ohlelweni lokuhweba olubizwa nge-binary.
I-FSB iveze isakhamuzi saseNingizimu Afrika ebesitshale imali kwiStockpair. net asiyitholanga imali ebesithenjiswe yona. Kuvela ukuthi le nkampani itholakala e-Estonia naseBelize okungamazwe ase-Europe.
Kufanele abantu baphinde baxwaye iMD Funds okuthiwa ifundisa abantu ukuhweba ngamavawusha futhi ibathembisa inzuzo ka-0.75% no-1.5% ngosuku.
I-FSB ithole ukuthi abantu bebetshala phakathi kuka-R10 000 no-R250 000, kutholakale ukuthi iMD Funds ayinayo imvume yokwenza lo msebenzi.
I-FSB ikhumbuza abathengi ukuthi ngaphambi kokutsheleka nokutshala imali kufanele babheke ukuthi izinkampani esibasizayo zibhaliswe ngokusemthethweni yini?
Uma bengenaso isiqiniseko kufanele bathinte iFSB ku-0800 110 443 noma bavakashele iwebsite yayo ethi www.fsb. co.za
Ngizitholile nezikhalo zabantu abakhala ngemali ekhishwa kuma-akhawunti abo aseCapitec Bank imibuzo yenu nezikhalo ngizidlulisele ethimbeni elibhekelele abezindaba kuleli bhange kodwa bengingakazitholi izimpendulo. Ngizoqhubeka ngizame kodwa kuwo wonke amabhange engiye ngiwathinte uma abathengi benezinkinga ngingasho ngithi iCapitec ayivamisile ukungisiza kunalokho kuze kudingeke ukuthi ngibhale udaba ingekho impendulo yakhona ngaphambi kokuthi ngisizakale. Kunokuthi bangitshele ukuthi bayixazulula kanjani inkinga yomuntu bavele bathi abakwazi ukukhuluma nami ngoba angisilo ikhasimende.
Ngivakashelwe wuNksz Mkhize obekhala ngokuthi indodana yakhe eyalimala engozini yemoto yaze yanqunywa umlenze ngo-2015 ayikasitholi isinxephezelo sayo kwiRoad Accident Fund (RAF), uveze ukuthi ummeli wakhe ukhala ngokuthi abakwa-RAF abakakhokhi yize esewahambise wonke amaphepha.
AbakwaRAF bathe njengoba uNksz Mkhize wakhetha ukuthatha ummeli kufanele achazelwe wuyena okwenzekayo.
Ukuthola imininingwane ngesicelo sesinxephezelo amakhasimende angaya kule link http://raf.co.za/ aboutus/pages/promotionof-access-to-information. aspx noma bathumele i-email ku-PAIAUnit@raf.co.za.
Abanenkinga edinga Ezabathengi abathumele i-email ku-boniswa.mohale@ inl.co.za