ISharks idlale into ecwengekile
KADE ikuphi le Cell C Sharks isizini yonke? Lona wumbuzo okungangabazeki ukuthi abalandeli beSharks babuyele emakhaya bezibuza wona emuva kombhoxo onenkosi phakathi odlalwe yiqembu laseThekwini linenebula i-Otago Highlanders ngo 38-12 kwiVodacom Super Rugby.
Ngendlela iSharks edlale kahle ngayo kulo mdlalo, ukube bengowokuqala wesizini nakanjani amaphanta abezoyifaka yonke imali ekutheni isicoco seSuper Rugby siya eThekwini kule sizini. Akunjalo nokho ngoba iSharks iqale kahle kodwa yaphinde yaphuma endleleni okuyenze yasalela emuva kwamanye amaqembu. Njengamanje isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log uma isihlanganisiwe.
Kubonakale uqala ngakho kodwa umdlalo ukuthi iHighlanders izothwala kanzima. Nangempela kube yinto enjalo futhi iqembu laseNew Zealand alizange lifudumale. Umdlalo uqalwe nguTendai Mtawarira okuthi njalo uma eboshelwe iSharks yenze into yamehlo.
Kungenxa yalokhu abaningi bayazibuza bayaziphendula ukuthi kungani kweminye imidlalo emqoka ijezi livele limeqe kalula umdlali waphambili ongowokudabuka eZimbabwe. Nakuba iSharks iqale ngamandla kodwa iHiglanders ibingakulindele ukuthi umzuzu wokuqala uzophela sekukhona i-try njengoba enzile u-Akker van der Merwe.
Akudlulanga isikhathi esingakanani waziveza uMakazole Mapimpi wabeka iSharks ebuhleni nge-try yesibili. Ngaphandle kokuphazamisa iSharks uma kukhona ekuhlanganisayo, akukho okunye obekwenziwa yiHighlanders kulo mdlalo kwazise ibithwele kanzima yonke indawo.
Ngendlela iSharks ebidlala kahle ngayo lapha ngisho abadlali abaziwayo emhlabeni njengoBen Smith wama-All Blacks, bebezithola bengekho endaweni efanele ngaso sonke isikhathi. Esiwombeni sesibili kube sengathi bathelwe ngezibonkolo abafana bakaRobert Du Preez kwazise kuvele amanye ama-try eshaywa uDan du Preez, S`bu Nkosi noRobert du Preez.
Kube yi-try yeHighlanders engene ngasekugcineni ishaywa uTeihorangi Walden eyenze umphumela wathi ukuhlonipheka kancane. Okuxakayo wukuthi iSharks iwina kalula lapha kodwa leli qembu linqobe kwiVodacom Bulls (iBulls esanda kunenebula iSharks). Umdlalo weSharks olandelayo ungoMgqibelo eLoftus Versveld neBulls.