Ngiphoxekile ngomphumela: Pitso
UCIKWE wukuthola iphuzu ekhaya umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ezakhe ezibanjwe yiWydad Athletics, yaseMorocco, emdlalweni wokuqala wamaqoqo weCAF Champions League eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli leSundowns kube wumkhonto ogwaze ekhaya ngomzuzu wesithathu umdlalo uqalile. U-Ismail El Hadad ushayele iWydad elokulinganisa ngaso isiwombe sokuqala emuva kwephutha labadlali beSundowns abevele bama ngoba bethi ibhola bese liphumile.
“Kufanele sizihloniphe izivakashi. Ngicabanga ukuthi zikwenzile okungangazo ukuthola iphuzu. Kodwa eqinisweni ngiphoxekile ngomphumela. Angiphoxekile ngomdlalo kodwa ngiphoxeke ngomphumela ngoba asikho isizathu esenze ukuthi singawuwini umdlalo. Ngiyalihlonipha iqembu ebesidlala nalo kodwa bekufanele siwine namuhla,” kusho uMosimane.
“Besiphasa ibhola kuze kweqe. Ngiyazi ukuthi leyo yindlela yethu yokudlala, ngeke bamelane nayo. Kodwa ngiphoxekile ngoba ngiyazi ukuthi kuzokwenzekani eMorocco. Bazosicindeza, bahlale kunompempe, benze zonke izinto. Bekufanele siqede ngabo. Senze iphutha elikhulu. Ngaphandle kwalo kade bezolithola kanjani igoli. Kade bengekho emdlalweni. Uma ugade amakhona nama-free kick uqedile. Sibhekene nejubane namabhola asheshayo.”
ISundowns ingenelwe yigoli abadlali basemuva bephakamise izandla bethi ibhola liphumile ngaphambi kokuthi ligotshelwe ebhokisini. Abadlali beSundowns bakwenze kaningi lokhu okukhona nezehlakalo ezimbili befuna amaphenathi kunompempe. IWydad iyona evikela indebe yeChampions League.
“Awukwazi ukuthi sithole iphuzu kompetha. Bekufanele siwine enkundleni, hhayi ngoba ngingabahloniphi. Bayiqembu elikhulu elinomqeqeshi osezingeni kodwa iSundowns ibikade inethuba, bekufanele silisebenzise. Ngeke sikhale ngamabhola amabili abanjwe ngesandla ebhokisini. Ngiyazi ukuthi bekuzoba amaphenathi eMorocco.
“Okungikhalisa kakhulu wukuthi besizobafaka ingcindezi ngoba kusuka manje bazodlala imidlalo emithathu yeligi. Basendaweni yesine kwi-log yabo, ngakho kungenzeka bangangeni kwiChampions League ngokuzayo. Kumayelana nokuhlela,” kusho uMosimane.
ISundowns iphunyukwe yithuba lokuhlala esicongweni se-log kaGroup C. Amaqembu amabili azoqeda ehlezi phezulu azodlulela emzuliswaneni olandelayo. Esicongweni kuhlezi iHoroya yaseGuinea ehlule iTogo Port yaseTogo ngo 2-1.
Iphini lomqeqeshi weWydad, u-Achami Youssef, lithe bakutholile abebekade bekuzele eMzansi.
“Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima. Sonke siyazi iSundowns iyiqembu elihlelekile. Bekungelula. Bekuwumdlalo wokuqala wamaqoqo weChampions League. Sifike sazi ukuthi kuzoba nzima. Kodwa-ke singompetha, yithina esiphethe indebe. Size lapha ukuzothola okuthize, nangempela siphume nakho. Lona ngumphumela omuhle kithina kwazise besibhekene neqembu elidlala ibhola elihle,” kusho uYoussef.
“Kuzofanele sikusebenzise ukudlalela ekhaya uma sesiseMorocco. Sizowacubungula wonke amaqembu esinawo eqoqweni. Ngeke siphumule, ngeke sithathe kancane izinto.”