Isolezwe

U-AKA usedelile wukuhlonis­hwa eMzansi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMREPHA uKiernan ‘AKA’ Forbes useveze ukuthi akananxa nabahleli bomcimbi wezindondo amaSAMA emuva kwesitatim­ende asikhiphe enkundleni yokuxhuman­a uTwitter lapho ethe ucela ukungavote­lwa emikhakhen­i aqokwe kuyona ngalo nyaka.

U-AKA uthe usebona ukuthi umsebenzi wakhe usuhlonish­we kakhulu eNingizimu Afrika ngakho izindondo ezifakazel­a lokho akasazidin­gi.

Kulo nyaka lo mculi uqokwe ngezingoma zakhe okukhona kuzo ethi Caiphus Song, World is Yours neDon’t forget to Pray ayicula no-Anatii.

“Ngiyacela ukuthi ningayimos­hi imali yenu ngokungivo­tela kunoma yimuphi umkhakha engiqokelw­e kuwona kumaSAMA,” kubhala u-AKA.

Uthe uyabonga kubahleli balo mcimbi ngokumnika ithuba lokuba yingxenye yawo.

“Anginawo umdlandla wokunxusa abantu ukuthi bangivotel­e. Alukho olubi phakathi kwami nabahleli balo mcimbi futhi akukho muntu enginenkin­ga naye kulesi sikhathi samanje,” kuchaza yena.

Uthe asafuna ukukwenza manje ukubhekana kakhulu nomculo nama-video ezingoma zakhe nezinkonti­leka anazo nezinkampa­ni ezahlukene eMzansi.

“Konke lokhu engikushoy­o angikusho ngoba ngizibona ngingcono kodwa kubalandel­i bami imali yabo ngiyacela bayisebenz­isele kwezinye izinto kunokuthi bavotele mina,” kuchaza yena.

Isikhulu esiphezulu kumaSAMA uThobela Dlamini sithe abananking­a nokushiwo ngu-AKA njengoba kungekho nkinga phakathi kwabo naye. Uthe bayakwemuk­ela konke akushilo ngokuqokwa kwakhe kulo mcimbi.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? U-AKA uthe akananxa nabamaSAMA njengoba esenxuse abalandeli bakhe ukuthi bangamvote­li eminxeni aqokwe kuyona emcimbini ozoba ngenyanga ezayo eSun City
Isithombe: INSTAGRAM U-AKA uthe akananxa nabamaSAMA njengoba esenxuse abalandeli bakhe ukuthi bangamvote­li eminxeni aqokwe kuyona emcimbini ozoba ngenyanga ezayo eSun City

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa