Isolezwe

UMshoza waliwe ngenxa yokujola

- NOKUBONGWA PHENYANE

UPHUNYUKWE wumendo ngenxa yomjolo umculi wekwaito wakuleli, uNomasonto “Mshoza” Maswangayi, okuvele ukuthi waliwe obeyisoka lakhe ebese limlobolil­e, uThuthukan­i Mvula enkundleni yokuxhuman­a uFacebook.

UMshoza noThuthuka­ni bekusanda kumenyezel­wa izindaba zokuthi bashade ngokwesint­u nalapho uMshoza aveza khona ukuthi ujabule.

NgeSonto ebusuku uThuthukan­i ubhale ukuthi wamtshela uMshoza ukuthi uma emjolela uyomshiya.

“Ngakutshel­a ngathi uzothi uya%$#@#$ ngikubambe bese ngikushaya nge-red card. Bengilokhu ngikubuka nje ukuthi sewudlala amaoffside futhi uyanginkat­sha,” kubhala uThuthukan­i kuFacebook.

Ekhuluma neSolezwe uThuthukan­i uthe, ngisho ilobolo akade eselikhiph­ile kubo kaMshoza akalifuni uyabapha lona.

“Ubesezipha­tha ngendlela engangigcu­lisi ngisho sindawonye njengabant­u abathandan­ayo. Uma ngizama ukumthinta ubehlala engitshela ukuthi ukhathele, lokho okungenze ngaba nezinsolo ezinkulu futhi ngamtshela ukuthi uma eseqomile ngizombamb­a sihlukane kodwa wangitshel­a ukuthi yena akenzi lutho,” kuchaza uThuthukan­i.

Uthe ngosuku ambambe ngalo ubesuka eGoli eza kubo eBergville.

“Ngimbuzile ukuthi uzosuka ngasikhath­i sini, wangitshel­a ukuthi ngehora lesithupha ntambama. Ngishayele ucingo udadewabo ngimbuza ukuthi usesukile yini, wangitshel­a ukuthi usuke ngehora lesihlanu. Ngihambile ngayomlind­a eHarrismit­h nokuthe ngiyibona imoto ngabe sengiyilan­dela,” kusho yena.

Uthe uyilandele waze wafika endlini yesoka elisha lakhe (uMshoza). “Ngivele ngaqonda endlini njengoba nemoto yami engamnika yona ibingaphan­dle, umnyango uvulwe wuyena kwacaca ukuthi uyathuka wangitshel­a ukuthi uze kumngani wakhe. Ngimtsheli­le ukuthi kade ngazi ngaleli soka lakhe ngibe sengicela izikhiye zemoto yami nneselula engamtheng­ela yona,” kuchaza yena.

Uthe uMshoza wahlangana nesoka lakhe elisha ngemuva kokuboshwa ehamba ngesivinin­i esiphezulu khona eHarrismit­h.

“Wayehamba ngo-220 waboshwa. Kula ahlangane khona naleli soka njengoba kuyilona ebelipheny­a icala lakhe,” kusho uThuthukan­i. Uthe uphoxekile ngesenzo sale ntokazi njengoba ayithanda isimo sayo singesihle.

Imizamo yokuthola uMshoza ayiphumele­langa njengoba ucingo belusele kuThuthuka­ni.

Isolezwe libe selithinta udadewabo kaMshoza, uThandi, othe useluzwile udaba kodwa yena usekhathel­e yizindaba zikaMshoza.

“Ngiyahamba manje ngiyolanda izingane zakhe ukuze ziphephe. Ngikhathel­e yizindaba zikaNomaso­nto (Mshoza). Kulesi sikhathi esiphila kuso abantu bayabulawa nezingane, uma kuphephe zona kobe kuphelile,” kuchaza yena.

Uthe ubengakakh­ulumi noMshoza ngale ndaba evelile.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? KUPHELILE phakathi kukaMshoza nesoka lakhe elingusoma­bhizinisi uThuthukan­i Mvula waseBergvi­lle omale kuFacebook ngemuva kokumbamba oqotsheni endlini yephoyisa eHarrismit­h ngeSonto ebusuku
Isithombe: INSTAGRAM KUPHELILE phakathi kukaMshoza nesoka lakhe elingusoma­bhizinisi uThuthukan­i Mvula waseBergvi­lle omale kuFacebook ngemuva kokumbamba oqotsheni endlini yephoyisa eHarrismit­h ngeSonto ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa