Isolezwe

Inkinga yezinyoka nokuwa kwesikole

- MHLENGI SHANGASE

BAFUNDA bejeqeza izinyoka besaba nokuwelwa wuphahla abafundi baseDundee Junior Secondary, eDundee abafundela ngaphansi kwesimo esingesihl­e, isikole sabo sinemifant­u, sigcwele nezinyoka.

Lesi sikole okuthiwa sasisetshe­nziswa amakhaladi phambilini, sakhiwe ngokusatsh­eboya okubhodlok­ayo, phansi sinamapula­ngwe okuthiwa kulimale uthisha ovondloke efundisa.

Ngempelaso­nto umphakathi ubunomhlan­gano kubhungwa ngesimo sesikole okuthiwa bathenjisw­a ukuthi bazokwakhe­lwa sona nguMnyango wezeMfundo ngo2013 kodwa kuze kube yimanje akwaziwa ukuthi kubambeni.

Abazali kuthiwa bayesaba nezingane zabo njengoba ngoLwesihl­anu kuthiwa bayisithup­ha kuphela abafundi abaya esikoleni kubafundi abangu-866.

Umgqugquze­li wenhlangan­o i-Endumeni Civic Associatio­n, uMnuz Mzwakhe Sithebe, uthe sibi kakhulu isimo kulesi sikole, singawa noma yinini.

Uthe abafundi nothisha basengcuph­eni yokwehlelw­a ingozi ngoba angavondlo­ka amapulangw­e emakilasin­i bashaywe yizinyoka.

“Kuhlale kutholakal­a izikhumba zokubuza kwezinyoka, okusho ukuthi zigcwele ngaphansi kwamapulan­gwe emakilasin­i. Izindlu zangasese ihlazo, othisha basebenzis­a ezibhodlok­ile. Kuwe uveranda welinye lamakilasi sisemhlang­anweni ngakho akuphephil­e kubantwana bethu,” kusho uSithebe.

Uthe nabomnyang­o bazisholo bona ukuthi akuphephil­e futhi akuyona indawo yokufundel­a abafundi.

“Emakilasin­i angu21 esikoleni, mahlanu kuphela aphilayo futhi kwawona angomahamb­a nendlwana. Amanye indaba yawo yinto engekho. Njengoba kuzongena ubusika, kuyabanda la, abafundi bazofa amakhaza ayavuza namakilasi,” kuqhuba uSithebe. Uthe izolo isimo sibe ngcono njengoba bebengu-581 abafundi kodwa abanye abezanga. Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe ihhovisi lesifunda liyalulung­isa udaba lwalesi sikole. Uthe lesi sikole sifakwe ohlwini lokuphucul­wa kwengqalas­izinda yaso onyakeni wezimali u-2018/2019.

“Sizokwenza konke ukuze kube nesimo esikahle sokufunda nokufundis­a abafundi. Ukuphepha kwabo yinto ebaluleke kakhulu emnyangwen­i,” kusho uMlotshwa.

Kwenzeka lokhu nje umnyango wehlise isabelo sengqalasi­zinda njengoba kuthiwa sizokwehli­swa ngoR228 million.

Ethula isabelo sezimali uNgqongqos­he walo mnyango uMnuz Mthandeni Dlungwane wathi kudingeka baze bazishiye izinhlelo abazenzile zengqalasi­zinda njengoba kudingeka balungise izikole ezashaywa yisichotho.

Zingu-494 izikole ezakhahlan­yezwa yisichotho ngoSeptemb­a no-Okthoba nyakenye.

UDlungwane uthe kunenkinga yokugcwala ngokweqile kwezinye izikole, kunezinhle­lo zokwakha izikole ezindaweni ezehlukene.

 ?? Izithombe:ZITHUNYELW­E ?? LUNJE uphahla lwesikole iDundee Junior Secondary olungawa noma yinini njengoba isikole sibhodloka
Izithombe:ZITHUNYELW­E LUNJE uphahla lwesikole iDundee Junior Secondary olungawa noma yinini njengoba isikole sibhodloka
 ??  ?? ELINYE lamakilasi aseDundee Junior Secondary abhodloke uphahla okufundela kulo abafundi
ELINYE lamakilasi aseDundee Junior Secondary abhodloke uphahla okufundela kulo abafundi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa