Isolezwe

Uvalo kusocongwa emakhaya amalungu amabili e-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

AHLALELE ovalweni amalungu e-ANC esifundeni iLower South Coast ngemuva kwezigamek­o zokusocong­wa kwamalungu ombutho amabili ezehlakalw­eni ezahlukene, esikhathin­i esingamaso­nto amathathu.

UMnuz Sifiso Cele (42) okubikwa ukuthi ubenguMgci­nimafa we-ANC e-ward 5, oShabeni kuthiwa ubekwakhe nomndeni elungisele­la ukuyisa izingane zakhe esikoleni izolo ekuseni ngesikhath­i ebulawa abasolwa ababili abangaziwa.

Ukubulawa kukaCele kwenzeke kungakapho­li maseko kubulewe elinye ilungu le-ANC kulesi sifunda, uNksz Nombusa Mqadi nalo elihlaselw­e lisekhaya ngasekuphe­leni kwenyanga edlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala uthe umufi ubekwakhe nomndeni eMargate Extension 03, ngesikhath­i abasolwa ababili abebehlome ngezibhamu behlasela.

UGwala uthe abasolwa bafike bakhomba abebephaka­thi endlini ngezibhamu bafuna imali namaselula, bavalela wonke umuntu ethoyileth­i babatshela ukuthi bangaphumi.

“Abasolwa babe sebethatha umufi bamyisa ekamelweni lakhe lapho befike bamdubula khona amahlandla amane, base beyabaleka. Umufi uficwe wumndeni wakhe edubuleke ekhanda eshonele endaweni yesehlakal­o,” kusho uGwala.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubamba inkunzi nokubulala, wangeza ngokuthi bekungakab­oshwa muntu. UGwala uthe imbangela yokubulala ibingakazi­wa.

Ilungu le-ANC eLower South Coast elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalul­wa lithe banovalo ngoba abazi ukuthi lesi sihlava sokubulawa kwamaqaban­e sivelaphi.

“Sekubulewe amaqabane amabili esikhathin­i esingaphan­si kwenyanga kulo nyaka. Imbangela yokubulawa kwawo asiyazi,” kusho ilungu.

Isifunda, iLower South Coast kulo nyaka simatasa ngamalungi­selelo okuba nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi obusha okungakaca­ci ukuthi izoba nini.

ILower South Coast ingesinye sezifunda okubalwa iMoses Mabhida neHarry Gwala, okubikwa ukuthi zinezinkin­ga futhi azikaphumi nezinsuku zokuthi zizokwenzi­wa nini izingqungq­uthela zakhona.

Ilungu lesigungu esiphezulu le-ANC elijutshwe ukuthi libheke ukusebenza kwesifunda­zwe iKwaZulu-Natal, uNkk Edna Molewa lithe noma ngabe kuthiwa lezi zifunda ezintathu kuze kufika isikhathi sokuthi kube nengqungqu­thela yesifundaz­we zingahlali­le, ngeke ize iphazamise­ke.

Uthe izithunywa zakulezi zifunda zizokwazi ukubamba iqhaza engqungqut­heleni yesifundaz­we ngoba zizoza zithunywe ngamagatsh­a azo.

UNobhala we-ANC eLower South Coast uMnuz Mzwandile Mkhwanazi usigxekile isigameko sokubulawa kukaCele, wathi siwubuqaba. Uthe bafe olwembiza ngokubulaw­a kukaCele obengusoma­qhinga weqembu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa