Isolezwe

UPandor ucubungula izikhalo ngeNyuvesi yasoNgoye

- MHLENGI SHANGASE

USACUBUNGU­LA zonke izikhalo ngenyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye, uNgqongqos­he weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor.

UNkk Pandor uvakashele inyuvesi ngempelaso­nto eyozwa izikhalo zezinhlaka ezehlukene emuva kokuthola izincwadi eziningi ezivela kwabakhath­azekile ngenyuvesi.

Okhulumela uNkk Pandor, uMnuz Lunga Ngqengelel­e, uthe uhlangane nezinhlaka ezehlukene, okubalwa kuzo nalezo zabafundi.

Uthe abafundi bazwakalis­e ukukhathaz­eka ngokuthi abaqashi sebeyangab­aza ukubaqasha ngenxa yezinsolo zokuthi iziqu ziyathengw­a enyuvesi.

“Abafundi bakhala kakhulu ngokuthi kunzima kubona ngenxa yokuthi abaqashi bayababhek­isisa, akulula ukuthola umsebenzi ngenxa yezinsolo. Lezi ngezinye zezinto uNgqongqos­he afike wazizwa ngabo abafundi,” kusho uNgqengele­le.

Uthe zonke izikhalo uyazicubun­gula, bazophendu­la maduze ezinhlaken­i ezithintek­ayo.

“Inhloso yokuvakash­ela enyuvesi bekuyozizw­ela izikhalo athole ukuthi izinkinga zikuphi. Usacubungu­la konke akuzwile. Yima ezonquma ukuthi yikuphi azokwenza nokuthi uzophendul­a kanjani,” kuqhuba uNgqengele­le.

Uthe okubalulek­ile wukuthi akafuni kudicilelw­e phansi isithunzi senyuvesi.“Kumele kutholakal­e isisombulu­lo ngokushesh­a ngoba neSilo sazwakalis­a ukweseka inyuvesi,” kusho uNgqengele­le.

Khonamanja­lo, izolo kuqalile ukuthweswa kwabafundi imiyezane.

Bawu-4 034 abafundi abazothwes­wa imiyezane kuleli sonto. NgoLwesihl­anu uNgangezwe Lakhe wahlonishw­a ngeziqu yinyuvesi ngokuseben­zela umphakathi.

Phakathi kwezikhulu­mi kuleli sonto kubalwa uMnuz Faisal Mkhize, isikhulu se-Absa esifundazw­eni, uSolwazi Crain Soudien, isikhulu esiphezulu seHuman Sciences Research Council, uDkt Nathi Ngcobo, weDalisu Holdings neJaji Mjabulisen­i Isaac Madondo, iPhini lamaJaji enkantolo enkulu esifundazw­eni.

Bawu-2 441 abesifazan­e babe wu-1 593 abesilisa abazothola iziqu.

Abayisithu­pha bazothwesw­a iziqu zobudokote­la, 12 ezeMasters babewu-101 kwezeHonou­rs.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa