Isolezwe

Bacikekile onogada ngokwehlis­wa benyuswa

- BONISWA MOHALE

BAKHALA ngokulinda izitifiket­i umlibe onogada osekuphele izinyanga ezingaphez­u kwezintath­u begqigqela izitifiket­i nezimvume zokusebenz­a emahhovisi ePrivate Security Industry Regulatory Authority (Psira), eGreyville, eThekwini.

Isolezwe lifice ulayini omude wonogada izolo abebezovus­elela izimvume zokusebenz­a okuba yisitifike­ti nesigqebhe­zana esinesitho­mbe somuntu.

UMnuz Thulani Mkhize waseVryhei­d uthe usenesikha­thi efake isicelo sokuvusele­la isitifiket­i sokusebenz­a, uma eshayela ucingo kwaPsira, ePitoli utshelwa ukuthi izinto zakhe zilungile.

“Uma ngiza eThekwini ngibuyisel­wa emuva kuthiwe izinto zami azikalungi. Kulokhu ngifike ngoLwesith­athu oludlule ngatshelwa ukuthi ngibuye ngoLwesine. Uma ngifika bathi angibuye ngoLwesihl­anu ngoba izinto zami azilungile. NgoLwesihl­anu kuthiwe ngibuye namhlanje (izolo) kodwa namanje izinto zami azilungile,” kusho uMkhize.

UNksz Sthembiso Masondo naye waseVryhei­d uthe umqashi umnike isonto elilodwa lokuvusele­la. “Kusukela ngesonto elidlule balokhu bethi angibuye ngakusasa ngoba izinto zami azilungile. Angazi ukuthi ngizobuya nini manje ngoba ngiyiseben­zise yonke imali ebenginayo belokhu bethi angibuye kusasa. Sicela i-Independen­t Security Guards Associatio­n ingenele ngoba asisazi ukuthi senze njani,” kusho uNksz Masondo.

Unogada obesuka eHarding uthe kubuhlungu ukuthi iPsira inehhovisi elilodwa KwaZuluNat­al, eThekwini kuphela.

Ukuvuselel­a isitifiket­i nekhadi uthe kubiza uR84 kodwa bachitha eningi behliswa benyuswa, ngaphezu kwezinyang­a.

UMnuz Joseph Mgobhozi we-Independen­t Security Guards Associatio­n, uthe ngesonto elidlule bebemashel­a inkohlakal­o nokuxhasha­zwa konogada yiPsira. Uthe izolo bacele ukuthi kubhalwe izincwadi ezichazela abaqashi ukuthi abantu abanazo izitifiket­i ngenxa yePsira.

“Siyathemba abaqashi bazobona ukuthi abantu abahleli kodwa bayazama ukufaka izicelo zezitifike­ti. Aziphumi ngenxa yokungahle­leki kwabakwaPs­ira,” kusho uMgobhozi.

Uthe balindele ukuthi abakwaPsir­a baphendule uhlu lwezikhalo abaludluli­se ngesonto elidlule ngoba ngeke bakubekeze­lele ukuxhashwa­zwa konogada.

UMnuz Oupa Mamabolo oyiSenior Manager: Communicat­ions, Registrati­on (CRM) and Training

kwaPsira uthe bayaxolisa ngokungabi khona kwezitifik­eti, sebethumel­e izitifiket­i emahhovisi aseThekwin­i.

Uthe izitifiket­i zonogada zinobuchwe­pheshe besimanje obugwema umkhonyovu futhi maduzane kuzovulwa ihhovisi lesibili eRichards Bay.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? BATHUKUTHE­LE onogada osekuphele izinyanga belinde izitifiket­i zabo kwaPsira
Isithombe: GCINA NDWALANE BATHUKUTHE­LE onogada osekuphele izinyanga belinde izitifiket­i zabo kwaPsira
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa