Isolezwe

Kuboshwe abanye kolwaseMab­hida

- BONISWA MOHALE

SEKUBOSHWE abanye ababili ngezibhelu zaseMoses Mabhida Stadium okukhona kubo umfundi (21) waseNewlan­ds West nomsebenzi wasengadin­i (42) waseHillcr­est.

Umfundi utholwe namahead sets ne-microphone.

Abasolwa bazovela namhlanje enkantolo kaMantshi waseThekwi­ni ngamacala okudala udlame emphakathi­ni.

UBrigadier Jay Naicker wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe abasolwa bazinikele bona emaphoyise­ni abazange balinde ukuthi ingalo yomthetho ifinyelele kubona.

“Siyabancom­a abasolwa ngokuzinik­ela emaphoyise­ni bangalindi ukuthi batholwe abaphenyi ngoba lokhu kusho ukuthi basenonemb­eza. Siyacela nabanye baziyele emaphoyise­ni ngaphambi kokuthi abaphenyi bazifikle bona kubo. Abasolwa ababili bavalelwe ezitokisin­i, bazobingel­ela iMantshi kusasa (namhlanje),” kusho uNaicker.

Uthe uphenyo ngokwenzek­a ngo-Ephreli 21 eMoses Mabhida luyaqhubek­a ngoba bafuna bonke abasolwa babhekane nengalo yomthetho.

Amaphoyisa ngeke aphumule bengakabos­hwa abasolwa ngokususa uthuthuva eMoses Mabhida ngesikhath­i kunomdlalo weKaizer Chiefs neFree State Stars.

“Sicela umphakathi uqhubeke nokusileke­lela ukuze sibophe abasolwa ngokususa uthuthuva eMoses Mabhida. Abanolwazi ngabasolwa mabathinte uCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana ku-082 662 7764,” kusho uNaicker.

Sebeyisith­upha abantu ababoshiwe ngezibhelu zaseMabhid­a. Kubona kukhona uMnuz Phelelani Jojisa (34), Siphosenko­si Memela (35), Sibongisen­i Khumalo (29) noKhwezilo­mo Madiba (35) abadedelwe ngebheyili kaR1 000 umuntu emunye.

Laba abanye bazobuyela enkantolo ngoMeyi 25.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa