Ibishisa ibuzi eyondunankulu ababili be-ANC
UBUHOLI obuphezulu be-ANC bebumatasa budingida udaba londunankulu ababili abangafunwa ezifundazweni zabo.
Omunye wabo uNdunankulu waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo. UNdunankulu waseEastern Cape, uMnuz Phumulo Masualle ubhekene nengqinamba yabantu abafuna ukumketula kwiANC, SACP nakwiCosatu.
Ubuholi obuphezulu be-ANC e-Eastern Cape bebuseLuthuli House, eGoli bucela ukuthatha izinyathelo ngoMasualle obuthi akabulaleli ubuholi obusha.
UMasualle uhlulwe wuSihlalo we-ANC e-Eastern Cape uMnuz Oscar Mabuyane engqungqutheleni yangonyaka odlule. Ubuholi bukazwelonke kwi-ANC bacela uMabuyane ukuthi angamhoxisi uMasualle esikhundleni sokuba wundunankulu ngoba kuzodala uqhekeko.
UMasualle wayeseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma kanti uMabuyane wayeseka uMengameli Cyril Ramaphosa.
Ubuholi base-Eastern Cape buthe bukhathele wuMasualle ongafuni ukususa izithenjwa zakhe esiShayamthetho yize ayalelwe ukwenza lokhu ngoMashi.
“Sifuna ubuholi obuphezulu be-ANC buhoxise isinqumo sabo sokuthi angasuswa uMasualle esikhundleni ngoba akasazi nokuthi siyini njengobuholi obusha baseEastern Cape. Kufanele ayiswe kwenye indawo mhlawumbe ayiswe ePhalamende ukuze kubuye ubumbano e-Eastern Cape,” kusho omunye umholi wase-Eastern Cape ongathandanga ukudalulwa.
Uveze ukuthi bafuna kukhishwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya nezoLimo uMnuz Mlibo Qhoboshiyane, owezokuThutha uNkk Thandiswa Marawu, owezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nancy Sihlwayi nowezokuThuthukiswa koMnotho nokuVakasha uMnuz Sakhumzi Somyo abayizithenjwa zikaMasualle.
Izolo uNobhala we-ANC e-Eastern Cape uNkk Lulama Ngcukayitobi obehola ithimba eLuthuli House, uthe bafuna ukunikwa amandla okuqondisa ubugwegwe uMasualle.
UMnuz Xolani Malamlela onguNobhalala weCosatu, e-Eastern Cape usole uMasualle ngokuzama ukwakha izizinda zamandla ombuso ezimbili.
“Siyasihlonipha isinqumo sobuholi obuphezulu be-ANC kodwa kufanele bubone ukuthi ukungasuswa kukaMasualle kudala izinkinga. Akabuhloniphi ubuholi be-ANC esifundazweni futhi akawahloniphi namadlelandawonye, akafuni ukukhipha ongqongqoshe. Kufanele aphume esikhundleni,” kusho uMalamlela.