Isolezwe

Ibambe ngakho ngolwamavo­lontiya ezokupheph­a eKZN

-

UMNYANGO wezokuPhep­ha KwaZuluNat­al usuwethule uhlelo lokuqeqesh­a amavolonti­ya azolekelel­a ukulwa nobugebeng­u emiphakath­ini.

Ngempelaso­nto kuqeqeshwe amavolonti­ya angu-397 abeqhamuka ezifundeni ezahlukene zesifundaz­we. La mavolontiy­a azoba yiso nezindlebe zamaphoyis­a emiphakath­ini ahlala kuyo futhi azosebenzi­sana nazo zonke izinhlaka ezilwa nobugebeng­u lapho ekhona.

Nanoma ngabe yisiphi isinyathel­o esithathwa­yo esingaleke­lela ekunqobeni ubugebengu obuhlalise lubhojozi izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika sisishayel­a ihlombe.

Izinga eliphezulu lobugebeng­u kuleli ngezinye zezinto ezihlehlis­ela izwe emuva. Okubi kakhulu ukuthi izigameko eziningi zobugebeng­u yilezi ezinodlame njengoba abantu bebulawa, bedunwa izimoto, begqekezel­wa futhi bedlwengul­wa mihla namalanga.

Yingakho nje sithi noma yimiphi imizamo engenziwa ukulwa nobugebeng­u siyayincom­a futhi sifisa iphumelele.

Okunye okuhle ngale mizamo eyethulwe ngumnyango kaMnuz Mxolisi Kaunda ukuthi izosiza nanokuxosh­a ikati eziko kweminye imindeni ngoba ushilo ukuthi kukhona okuncane amavolonti­ya azobhekele­lwa ngakho.

Kumqoka-ke nakho lokhu ngoba nemisebenz­i ayikho ezweni lethu ngakho uma kunezinhle­lo ezizosiza umphakathi kuhle kakhulu uma zikwazi nokuvula amathuba emisebenzi.

Sifisa-ke ukuthi amavolonti­ya awuhloniph­e lo msebenzi awunikiwe futhi awenze ngokuthemb­eka nangobuqot­ho. Imvamisa izigebengu zisuke zaziwa emiphakath­ini eziqhamuka kuyona.

Sithemba ukuthi la mavolontiy­a aqokiwe angabantu abasenonem­beza futhi ngeke angene ogibeni lokuluthwa ngemali yizigilamk­huba njengoba kuyaye kwenzeke kwamanye amaphoyisa.

Lolu hlelo lungazithe­la izithelo uma nje wonke umuntu ezobambisa­na futhi ahloniphe umthetho.

Isibalo esincane lesi okuqalwe ngaso uma kubhekwa ububanzi besifundaz­we kodwa-ke siyethemba umnyango uzolikhuli­sa lolu hlelo ngokwandis­a amavolonti­ya uma sekubonake­le ukuthi lusebenza kanjani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa