Isolezwe

Sekuyisikh­athi sokuthi sakhe isizwe, siyeke ukulumana

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

INKUNDLA yanamhlanj­e ngicela ukuyivulel­a izifundisw­a nabathandi bolimi lwesiZulu. Kuyiqiniso ukuthi imibhalo esinayo esiZulwini iyinkeshez­ana. Iyinkeshez­ana injalo kukhona nengashayi khona. Kukhona negcwele amaphutha angabaleki. Ngikubone lokhu ngencwadi yakwaMakho­ba, Amancoko Okuqala, esanda kuphuma. Umbhali wale ncwadi wagajwa injabulo yokubuyisw­a kwayo ngabashici­leli wathola ithuba lokuyilung­isa wayincisha ithuba lokuba ibonwe ngelinye iso. Kumanje iyalungisw­a.

Liyadingek­a ithimba elizophosa iso emiqulwini yocwaningo, ngale koMnyango weNyuvesi obhekelele loko. Zikhona izihloko ozibonayo ukuthi lesi asimnikelo utheni esiZweni. Thina asifani nezinye izilimi, ikakhuluka­zi zabamhloph­e. Olwethu ulimi lusacathul­a. Lusenokuni­ngi okungakacw­aningwa ngako. Kumele izihloko zixilongwe ngokugcwel­e, kubhekwe ukuthi zinohlonzo olungakana­ni. Kumele lukhuliswe ulimi.Ubudokotel­a bokuqala obubhalwe ngesiZulu ngobukaSol­wazi uKhumalo ophethe umNyango weZilimi Zomdabu oNgoye. Wabuthola ngonyaka ka-1997, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Sidinga ithimba elizobheke­lela ulimi ngale kwenkokhel­o. Lelo thimba liyokhuza ngisho abasakazi nabamaphep­handaba uma besabalali­sa ulwazi olungagcwe­le. Indaba yokuthola iziqu ngesiZulu akuyona eyanamhlan­je. Kwakuyimpi eyaliwa iminyaka. IsiZulu sasifundwa ngesiLungu. Balwa abantu abafana nawoSolwaz­i uKhumalo nawoSolwaz­i uMathenjwa. Ngibala abambalwa.

Okunye okufiswa wumbhali wengosi ukuthi esifundwen­i ngasinye semfundo esemabange­ni aphakeme lungene ulimi lwebele. Abantu abafunda ezolimo, ezomthetho, ezohwebo nezinye mabalufund­e nolimi lwabo. Ngisho bengasasif­undanga isifundo leso ngolimi lwebele, alube khona njengengxe­nye yesifundo kumbe umkhakha lowo. Umlando wakithi uyophelela mhla wabhalwa ngesiZulu.

Ngiyafisa leli culo elidala liphenduke isenzo. Kade kwakukhulu­nywa ngaleli thimba elifana nelamaBhun­u, alivele manje. Ubani ozoqala kungekho nkokhelo? Kobani bona? Bayeke ukuduma ngokubalis­a? Ubani kanti ozokwakha lolu limi? Sekungaze kuvuke iNgonyama uShaka! Mayaziwe imibhalo yomlando yabantu abanjengaw­oDokotela u-SZ Shamase nawoDokote­la uNtuli bomnyango wezomlando oNgoye.

UMakhoba, esengusihl­alo wenhlangan­o yababhali uSiba, wake waphakamis­a ubumpelesi ekubhaleni. UDokotela uMbuli wathi ubumpelesi abushayi emhloleni, bungcono ubuhlaka. Wathi uhlaka luhamba nenyanga noma iya kuphi. Impelesi iyabuya, ayingeni emendweni. Lokhu kuchaza ukuxhasana nokusekela­na ekubhaleni. Kuyenzeka omunye abe nekhono lokuxoxa kepha angabi naso isineke sokubhala. Udinga lo ozomlalela noma amqophe bese ebhala. Siyadingan­a. Ulimi lwethu luyokhula mhla salekelela­na ekulubhale­ni.

Ubadlana lwezincwad­i esinazo ngeziphoth­iwe, asinazo ezincike ezintweni eziphathek­ayo. Asinazo izincwadi zomlando ezikhuluma kahle ngesizwe sakithi. Sinezincwa­di ezigxeka amaqhawe akithi kuphela. Uma ucabanga wena, ukhona umbulali ongakha isizwe esikhulu ngangesama­Zulu, ngeminyaka­na engaphansi kweyishumi? Abamhlophe bayipenda ngopende omdaka iNgonyama uShaka. Sibadinga kakhulu abazobhala umlando wamakhosi akwaZulu kabusha. ISilo uCetshwayo sathwala kanzima embusweni waso. Kuvela okubi kuphela emlandweni obhalwe ngaso. Akabatshaz­wa amandla esasinawo. Akuyona into encane ukungena emfuleni kweNdlovuk­azi yamaNgisi ngokubukwa nje uNjininind­i omnyama.

Emveni kweminyaka enge-24 sathola into ebizwa ngenkulule­ko, kumele ngabe sesiqalile ukwakha izinhlaka zokuhlanga­na sakhe isizwe. Sekuyisikh­athi sokuyeka ukulumana, sisukume sakhe isizwe. Ake siyeke ukubanga umsindo sengathi asinalutho emakhanda. Bathi abeLungu igogogo elingenalu­tho linomsindo omkhulu. Besho beqinisile. Umuntu ongazi kahle unomsindo wokuphikis­a. Uyalinda nje kuze kube khona okhulumayo bese emphikisa.

Ake siyeke ukugxeka izinto zakithi. Angikaze ngikubone ukuduka okungaka. Ungazigxek­a kanjani wena? Ungasho kanjani ukuthi amasiko akini awubulima? Ungasho kanjani ukuthi oyihlomkhu­lu ngamadimon­i? Konke loko kuzolungis­wa yithina ngokulalel­ana nokubekeze­lelana. Amaqhawe anjengoMaq­hamusela singawabuk­a ngamanye amehlo. Ngabe wayeyiqhaw­e noma wayeyimbuk­a?

UMakhoba umbhali wencwadi Amagugu Esizwe. Ikheli lasemoyeni; makhobak@unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa