Qhubekani nisivezele okusha kumaskandi
MHLELI: Thina balandeli bakamaskandi sesaduma kabi ngokuhlala sigxeka abasakazi bakamaskandi. Kepha lokho kuyiqiniso impela siyavulela emlonyeni.
Ngithanda ukuthatha leli thuba mhleli wami ngidlulise ukuncoma uZimdollar benoBK ngabakwenzile kumaskandi. Uzokhumbula ukuthi bathi bezibiza ngonakane bathi inhloso yabo wukuphakamisa abaculi abasafufusa kakhulu. Impela kwaba njalo baningi abaculi ababaveza manje asebenamagama ezweni lonkana. Kuhle sinincome nisaphila singaqhamuki ngezikhathi zobunzima sesinincoma.
Namanje uZimiphi ushayela iSibhukuda Kwesimanzonzo njalo ngoLwesine ebusuku nakhona usagxile ekuphakamiseni amaciko asafufusa, amanye awo sesiwezwa nakuSigiya Ngengoma okuwuhlelo engiluthatha njePSL kwezemidlalo.
MaBiyela, njengamanje usubambisene noMdonso. Engakucela basakazi bami abahle ukuthi niqhubeke nisivezele okusha emculweni wethu wesintu. Ngabe ngenza iphutha uma ngingaphakamisanga igama lezinsizwa zakwaFelubala eMnambithi umfana kaVezuthando nensizwa eshaya ushuni onezimanga uKolodo obuye azibize ngaMalomamnandi. Lo mfana uzomela uMnambithi ngalo mculo wakhe. Ngiyethemba oKhozini sisazomuzwa angikhathaleli ukuthi kuluphi uhlelo kepha ngiyazi usazozwakala.
Ekungeneni kwenu zintokazi kunginika ithemba ukuthi siyobezwa koSigiya Ngengoma kepha angikusho ukuthi angithi yenzani njalo ngoba nani nisebenza ngomthetho wabaphathi anizenzeli nje okwenu. Angicacise futhi ukuthi wonke umsakazi oke wasakaza umaskandi ushiya okuhle asuke ekwenzile, kube ngukuthi thina balandeli sihlushwa wumona sifuna kuzwakale osibanibani kuphela, okuyinto egcina yenza abasakazi kube ngathi bachemile kanti yithi uqobo izitha zentuthuko kamaskandi. Mpha Omnyama Shabalala EMNAMBITHI