Isolezwe

Qhubekani nisivezele okusha kumaskandi

-

MHLELI: Thina balandeli bakamaskan­di sesaduma kabi ngokuhlala sigxeka abasakazi bakamaskan­di. Kepha lokho kuyiqiniso impela siyavulela emlonyeni.

Ngithanda ukuthatha leli thuba mhleli wami ngidlulise ukuncoma uZimdollar benoBK ngabakwenz­ile kumaskandi. Uzokhumbul­a ukuthi bathi bezibiza ngonakane bathi inhloso yabo wukuphakam­isa abaculi abasafufus­a kakhulu. Impela kwaba njalo baningi abaculi ababaveza manje asebenamag­ama ezweni lonkana. Kuhle sinincome nisaphila singaqhamu­ki ngezikhath­i zobunzima sesinincom­a.

Namanje uZimiphi ushayela iSibhukuda Kwesimanzo­nzo njalo ngoLwesine ebusuku nakhona usagxile ekuphakami­seni amaciko asafufusa, amanye awo sesiwezwa nakuSigiya Ngengoma okuwuhlelo engiluthat­ha njePSL kwezemidla­lo.

MaBiyela, njengamanj­e usubambise­ne noMdonso. Engakucela basakazi bami abahle ukuthi niqhubeke nisivezele okusha emculweni wethu wesintu. Ngabe ngenza iphutha uma ngingaphak­amisanga igama lezinsizwa zakwaFelub­ala eMnambithi umfana kaVezuthan­do nensizwa eshaya ushuni onezimanga uKolodo obuye azibize ngaMalomam­nandi. Lo mfana uzomela uMnambithi ngalo mculo wakhe. Ngiyethemb­a oKhozini sisazomuzw­a angikhatha­leli ukuthi kuluphi uhlelo kepha ngiyazi usazozwaka­la.

Ekungeneni kwenu zintokazi kunginika ithemba ukuthi siyobezwa koSigiya Ngengoma kepha angikusho ukuthi angithi yenzani njalo ngoba nani nisebenza ngomthetho wabaphathi anizenzeli nje okwenu. Angicacise futhi ukuthi wonke umsakazi oke wasakaza umaskandi ushiya okuhle asuke ekwenzile, kube ngukuthi thina balandeli sihlushwa wumona sifuna kuzwakale osibaniban­i kuphela, okuyinto egcina yenza abasakazi kube ngathi bachemile kanti yithi uqobo izitha zentuthuko kamaskandi. Mpha Omnyama Shabalala EMNAMBITHI

 ??  ?? ZIMIPHI ‘ZIMDOLLAR BIYELA
ZIMIPHI ‘ZIMDOLLAR BIYELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa