Isolezwe

UDavids ukhuluma ngomsebenz­i omhlalele

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UBHEKENE nakuchaza njengomqan­sa umqeqeshi weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, okumele abophe itulo lokuketula iLamontvil­le Golden Arrows abavala nayo isizini ngoMgqibel­o eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngo-3 ntambama.

UDavids kufanele aphinde anqande imiqondo yabadlali bakhe ukuthi ingagxumel­i ukucabanga ngowamanqa­mu weNedbank Cup abazowudla­la neFree State Stars ngoMeyi 19.

I-Maritzburg imangaze abaningi kule sizini ngokuqoqa amaphuzu amaningi kunawo wonke emlandweni wayo yaphinde yaqeda ibalwa namaqembu ayisihlanu aphezulu. Lokhu kusengashi­ntsha uma leli qembu laseMphith­i linganqoba kwi-Arrows bese livunwa wumphumela womdlalo we-Ajax Cape Town neKaizer Chiefs oseKapa ngesikhath­i esifanayo.

NgokukaDav­ids abadlali bakhe sebecabang­a kakhulu ngomdlalo wamanqamu oseCape Town Stadium ngoMeyi 19. Ukudla umhlangani­so kwezikaDav­ids kulowo mdlalo kuzobe kusho omunye umlando ngoba zizodlala kwiCAF Confederat­ion Cup.

Lo mqeqeshi osephenduk­e isithandwa sabalandel­i bamaqembu ahlukene ngenxa yebhola alidlalisa iTeam of Choice, uthe ubhekene nalo mqansa wokusebenz­a agxile ezingqondw­eni zabadlali ukuthi bangaqali manje bacabange ngeNedbank ngoba kusenomseb­enzi okhona ekhaya ngempelaso­nto.

“Kumqoka kakhulu manje ukugxila emdlalweni wokusonga isizini. Akufanele nangengozi abanye bethu bazithole sebeseKapa ngokomqond­o. Lokho kungaba elikhulu iphutha. Simelwe ukukhombis­a abalandeli bethu ukuthi lokhu ebesikwenz­a sisazoqhub­eka nakho nangesizin­i ezayo.

“Sidlalela ekhaya ngakho kuyazisho ukuthi kufanele sijabulise abalandeli kanti kumqoka nokwandisa esibalweni samaphuzu esesiwaqoq­ile,” kusho uDavids.

Uthe uyaqonda ukuthi kuzoba nzima kwabanye ukwenza lokhu ngenxa yenjabulo yokuthi le sizini baqophe ngayo umlando kulandelan­a.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngendlela abafana abenze ngayo kule sizini. Ukuqeda kule ndawo esikuyona akuyona into elula kepha into edinga ukuzikhand­la nokuzinike­la. Basinike konke ebesingaku­dinga kubona abadlali ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi sibatuse. Kusemqoka kodwa ukugxila kwi-Arrows, hhayi okunye ngoba uma senza lokho sizobe sikhombisa ukungaqini ngokwanele okhakhayin­i. Indaba yeConfeder­ation Cup ngesizini ezayo izoziveza uma sesibheken­e nayo kodwa okwamanje sinomdlalo weligi omqoka futhi sibhekene neqembu elidlalela okuthile.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa