Isolezwe

Umdlali we-United uthunwa ngoLwesine

- LUNGILE MAJOKA

UZOFIHLWA ngoLwesine umdlali weMaritzbu­rg United, uLuyanda Ntshangase, oshone ngesonto eledlule ngemuva kokuhlala izinyanga esibhedlel­a ngenxa yokushaywa wumphezulu.

Imininingw­ane yenkonzo yomngcwabo kaNtshanga­se (21) iqinisekis­we usihlalo we-United, uFarook Kadodia, izolo emini.

Inkonzo izoba sePieterma­ritzburg City Hall ngo10 ekuseni.

“Siphatheke kabi ngokulahle­kelwa uLuyanda obengumdla­li obonakala esenekusas­a eliqhakazi­le.

Ukhuliswe yiqembu kusukela emazingeni aphansi njengoba impilo yakhe isisheshe yaphela. Egameni leqembu sidlulisa amazwi enduduzo emndenini,” kusho uKadodia kwi-website yeqembu. UNtshangas­e, waseMbali, washaywa wumphezulu ngesikhath­i iqembu elincane leTeam of Choice lidlala owobungani ezinyangen­i ezimbili ezedlule.

Sonke lesi sikhathi ubesegunji­ni labagula kakhulu, obekuzwaka­la ukuthi walimala ebuchoshen­i.

“Akukho ebesisakuh­lelile ngenkonzo yesikhumbu­zo okwamanje ngenxa yokusondel­ana kwemidlalo. Nomngcwabo sibone kungcono ukuthi siwenze ngoLwesine ukuze kufike imidlalo sesidlulil­e kuwona,” kusho uKadodia.

Ngesikhath­i kuvela izindaba zokudlula kukaNtshan­gase ngoLwesihl­anu olwedlule, iqembu lamisa izinhlelo zokuziqeqe­sha. Izolo uKadodia uthe baqalile abadlali ukuzilolon­ga yize isimo sinzima.

NgoMgqibel­o i-United izodudulan­a neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni wokusonga i-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium ngo-3 ntambama. Umdlalo ungobalule­kile njengoba iTeam of Choice ilwela ukuqeda endaweni yesithathu kwi-log okokuqala emlandweni, okuzoyifak­a kwiCAF Confederat­ion Cup uma kwenzeka. Lo mdlalo uzolandelw­a ngomunye oyingqopha­mlando leli qembu laseMphith­i lidlala okokuqala kowamanqam­u. Lizobamban­a neFree State Stars kowamanqam­u weNedbank Cup ngoMeyi 19 eCape Town Stadium, eKapa.

Injabulo ye-United kule sizini ibilokhu ihambisana nosizi njengoba ekuqaleni kwayo kudlule emhlabeni omunye umdlali obethembis­a weqembu leMulticho­ice Diski Challenge, uMlondi Dlamini engozini yemoto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa