Isolezwe

IDikwena ingase ithole ikhaya elisha

- MINENHLE MKHIZE

I-PLATINUM Stars ingase ifudukele kwesinye isifundazw­e ngesizini ezayo ngenxa yokuthi igcine ngokugawul­wa yizembe kwi-Absa Premiershi­p ngokwamaph­uzu enawo njengamanj­e.

IDikwena iyona ebambe ibhuleki kwi-log ngemuva kwemidlalo ewu-29. Ngokweziba­lo iqembu livele seligawulw­e yizembe kodwa lisahlalel­e ethembeni ngenxa yokuthi akwaziwa ukuthi icala likaTendai Ndoro we-Ajax Cape Town lizophetha kanjani.

Uma uNdoro etholakala enecala kungenzeka i-Ajax iphucwe wonke amaphuzu ewathole edlala kuyo. UNdoro usolwa ngokudlale­la amaqembu amathathu ngesizini eyodwa. IStars isiqoqe amaphuzu awu-21. Isele ngamaphuzu awu-10 kwiUrban Warriors esendaweni yesibili kusuka ekugcineni.

URoger de Sa, esinye sezikhulu zeDikwena, uthe iqembu kungenzeka liyodlala kwesinye isifundazw­e. “Sike sacabanga ngendaba esizozinza kuyo. Okuningi bekuncike ekutheni siyahlala esigabeni esikhulu noma sigawula yizembe yini. Ukwehlela kwethu ezansi sekuvule inqwaba yeminyango. Kumele sibheke ukuthi iyiphi indawo iqembu elizokwazi ukuhlala kuyo ngokukhulu­leka. Kumele sibheke ukuthi abaxhasi yikuphi lapho abazothand­a sihlale khona.

“Yizona zonke izinto esizibheka­yo. Njengamanj­e sinezindaw­o ezinhlanu esikhulume­la kuzona. Sizoqhatha­nisa izinto eziningi ngaphambi kokuthatha isinqumo. Ngemuva komdlalo wokugcina wesizini, sizohlala phansi siqoke indawo esizokwazi ukuhlala kuyo.”

IDikwena kungenzeka iphelele eGoli noma eKapa.“Okuningi kuncike enkundleni esizojimel­a kuyona nenkundla esizodlala kuyona. Inkundla iRoyal Bafokeng akuyona eyethu, iphethwe ngabaseRoy­al Bafokeng. Bekuyinkun­dla yeqembu kodwa manje sekungeyas­eRoyal Bafokeng. Ukuseyiben­zisa kumba eqolo. Uma uyiqembu elidlala kwiNationa­l First Division kungamele usebenzise yonke imali yakho oyinikwa yiPSL ukuze ukhokhele iRoyal Bafokeng. Sisadlala kwiPremier­ship kodwa sisahlulek­a wukugcwali­sa inkundla. Inkundla inkulu ukuthi ungakwazi ukumelana nezindleko zayo. Sisahlulwa wukuheha abantu abawu-500,” kusho uDe Sa.

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama iDikwena izodudulan­a neBidvest Wits emdlalweni wayo wokugcina weligi eRoyal Bafokeng Stadium.

“Ngifuna ukwenza ngendlela efanayo nengenza ngayo kwiWits. Ngaleso sikhathi inkulisa yeqembu yayihamba phambili eNingizimu Afrika. Igama leqembu ngeke silishints­he,” kusho uDe Sa.

UDe Sa usazimisel­e ngokuqeqes­ha yize eyilungu lebhodi entsha yeStars. “Nginenkont­ileka, ngiqashiwe, ngiyazinik­ela futhi kumele ngilandele imibandela. Sinezifiso ezinkulu ngeqembu. Ngesikhath­i sifika eqenjini besingacab­angi nje ngobukhazi­khazi bokudlala kwiAbsa Premiershi­p. Besicabang­a indaba yemfundo nangenkuli­sa egameni lebhola. Asizele imali lapha noma ukuzozipha­kamisa. Ngesikhath­i sithenga iqembu, bese livele lihlezi ekugcineni kwi-log. Ngifike iqembu lisadlale imidlalo emithathu, lingakaze linqobe futhi lingakaze lilishaye igoli. Asivelanga nje sathi asithenge iqembu ngoba sifuna ukuba sezindaben­i. Iphupho lethu wukuba nenkulisa eqinile ezonika abadlali nethuba lemfundo. Sifuna ukufundisa intsha ngebhola nangempilo. Sinethemba lokuthi sizokwazi nokubayisa phesheya.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa