UDavids ukhuluma ngomsebenzi omhlalele
UBHEKENE nakuchaza njengomqansa umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids, okumele abophe itulo lokuketula iLamontville Golden Arrows abavala nayo isizini ngoMgqibelo eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-3 ntambama.
UDavids kufanele aphinde anqande imiqondo yabadlali bakhe ukuthi ingagxumeli ukucabanga ngowamanqamu weNedbank Cup abazowudlala neFree State Stars ngoMeyi 19.
I-Maritzburg imangaze abaningi kule sizini ngokuqoqa amaphuzu amaningi kunawo wonke emlandweni wayo yaphinde yaqeda ibalwa namaqembu ayisihlanu aphezulu. Lokhu kusengashintsha uma leli qembu laseMphithi linganqoba kwi-Arrows bese livunwa wumphumela womdlalo we-Ajax Cape Town neKaizer Chiefs oseKapa ngesikhathi esifanayo.
NgokukaDavids abadlali bakhe sebecabanga kakhulu ngomdlalo wamanqamu oseCape Town Stadium ngoMeyi 19. Ukudla umhlanganiso kwezikaDavids kulowo mdlalo kuzobe kusho omunye umlando ngoba zizodlala kwiCAF Confederation Cup.
Lo mqeqeshi osephenduke isithandwa sabalandeli bamaqembu ahlukene ngenxa yebhola alidlalisa iTeam of Choice, uthe ubhekene nalo mqansa wokusebenza agxile ezingqondweni zabadlali ukuthi bangaqali manje bacabange ngeNedbank ngoba kusenomsebenzi okhona ekhaya ngempelasonto.
“Kumqoka kakhulu manje ukugxila emdlalweni wokusonga isizini. Akufanele nangengozi abanye bethu bazithole sebeseKapa ngokomqondo. Lokho kungaba elikhulu iphutha. Simelwe ukukhombisa abalandeli bethu ukuthi lokhu ebesikwenza sisazoqhubeka nakho nangesizini ezayo.
“Sidlalela ekhaya ngakho kuyazisho ukuthi kufanele sijabulise abalandeli kanti kumqoka nokwandisa esibalweni samaphuzu esesiwaqoqile,” kusho uDavids.
Uthe uyaqonda ukuthi kuzoba nzima kwabanye ukwenza lokhu ngenxa yenjabulo yokuthi le sizini baqophe ngayo umlando kulandelana.
“Siyaziqhenya kakhulu ngendlela abafana abenze ngayo kule sizini. Ukuqeda kule ndawo esikuyona akuyona into elula kepha into edinga ukuzikhandla nokuzinikela. Basinike konke ebesingakudinga kubona abadlali ngakho-ke kubalulekile ukuthi sibatuse. Kusemqoka kodwa ukugxila kwi-Arrows, hhayi okunye ngoba uma senza lokho sizobe sikhombisa ukungaqini ngokwanele okhakhayini. Indaba yeConfederation Cup ngesizini ezayo izoziveza uma sesibhekene nayo kodwa okwamanje sinomdlalo weligi omqoka futhi sibhekene neqembu elidlalela okuthile.”