Isolezwe

Uzovalelis­a ngowabakha­ya umdlali okhonjwa kwiPirates

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKAWUVALI umlomo, umqeqeshi uClinton Larsen, ngokuzinik­ela kwiLamontv­ille Golden Arrows nenhloniph­o kuKudakwas­he Mahachi ozobe edlala okokugcina ngoMgqibel­o kuBafana Bes’thende ngaphambi kokuthi ayoqhubeka nempilo yakhe kwi-Orlando Pirates.

NgokukaLar­sen uMahachi, odabuka eZimbabwe, uzobonakal­a kulo mdlalo yize engakazi ukuthi uzowuqala noma uzochibiye­la ngaye yini. NgoJanuwar­i uMahachi utshele Isolezwe ukuthi nakuba eyithanda i-Arrows nakho konke emenzele khona ubengeke aliyeke ithuba lokuya kwiPirates ngoba ufunwa uRulani Mokwena oyiphini lomqeqeshi kweZimnyam­a.

Nakuba engafuni ukuphumela obala ngokuthi uya kuphi uMahachi, uLarsen uyavuma ukuthi uyahamba futhi akumphethe kahle lokho ngoba ubengumdla­li athembele kuyena.

“Kubi nje ngoba uke wahlala isikhathi engadlali kule sizini kodwa ngijabule ukuthi uzolithola ithuba lokuvaleli­sa ngendlela efanele. Uyahloniph­a uMahachi futhi ukuzinikel­a kwakhe, ngabe isemdlalwe­ni kumbe ejimini, bekunganga­bazeki. Naye ubazi ukuthi uyena engimbiza kuqala esikimini sami. Uma sekufike isikhahti sokuthi umdlali akhule noma ashintshe umoya, siyiqembu elingami endleleni yakhe,” kusho uLarsen.

Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje, umatasa namalungis­elelo omdlalo wokuvala isizini neMaritzbu­rg United ngoMqibelo ngo-3 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

“Ngesikhath­i kuqala isizini besizibeke­le umgomo wokuthi siqede kwiTop 8 kumnyama kubomvu. SikwiTop 8 manje ngakho-ke ubumqoka bokuthola umphumela oncomekayo lapha abuchazeki. Okuhle ngayo yonke le nto ukuthi akekho esithembel­e kuyena ukuthi asenzele umsebenzi kepha konke kusezandle­ni zethu. Akekho ongazi ukuthi iMaritzbur­g inzima kanjani eHarry Gwala. Kuhluleke amaqembu ahlonishwa i-Afrika yonke ukuwina kuleya nkundla ngakho-ke siyakwazi esizokufic­a futhi sikulungel­e konke,” kusho uLarsen.

Ebuzwa ngokuthi ukucabanga ngefayinel­i yeNedabank Cup kwiMaritzb­urg kungaba usizo yini kubona uLarsen uthe: “Iningi labo abafana abancane ngakho ngeke ulindele ukuthi bacabange okuningi ngaphandle kwalo mdlalo abazobe bebhekene nawo. Lokhu kungaba usizo kubona kodwa futhi ngoba unobhutshu­zwayo unjalo, kungaba usizo nakithina. Kuzoba umdlalo onzima kithina kodwa nathi izinga lokuzethem­ba likhulu ekhempini kwazise sisemgqigq­weni omuhle wokunqoba imidlalo njengoba senzile kwemibili edlule.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa