Isolezwe

IChiefs isengazibe­kisela indawo kwiCAF

-

ngomunye yemibandel­a amaqembu athathwa njengamakh­ulu umhlaba wonke azibekela wona.

E-Europe kushukana amaqembu amakhulu anjengoRea­l Madrid, FC Barcelona (baseSpain), Juventus, Napoli (baseItaly), Manchester United noManchest­er City ( base-England) efuna ukuzibekis­ela indawo kwi-Uefa Champions League.

Amaqembu asalayo lapha alwa kanzima ezama ukubuyisa isithunzi sawo ebanga indawo kwiEuropa League njengoba kwenze i-Arsenal neChelsea e-England noma iValencia Spain.

Yize abanye bengeke bayibone iChiefs njengeqemb­u eliyithath­ela phezulu imiqhudelw­ano yeCAF kodwa ukuzibekis­ela indawo kwayo kulo mqhudelwan­o kuzosho ukuthi ingelinye lamaqembu aphambili ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

Ngesizini edlule iChiefs, ebiphekwa nguSteve Komphela owesule ngenyanga edlule, ihlulekile ukuzibekis­ela indawo emidlalwen­i yeCAF. Iqede isizini yayo endaweni yesine ngamaphuzu awu-50.

Kulokhu inethuba lokwenza okungcono ngokuqoqa amaphuzu awu-48 emidlalwen­i ewu-30. Nokho uma ihluleka wukushaya i-Ajax, kungenzeka ivulelele intuba iMaritzbur­g United eyilandela ngamaphuzu awu-43.

Emdlalweni wokugcina ITeam of Choice izobhekana nabakhaya, iLamontvil­le Golden Arrows, eHarry Gwala Stadium ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

EzaseMphit­hi zidinga ukunqoba lapha bese ziphuca iChiefs ithikithi lokuya kwiConfede­ration Cup. Uma womabili amaqembu eqeda elingana ngamaphuzu, iTeam of Choice ivunwa amagoli, okusho ukuthi ingayiketu­la iChiefs.

Nokho uma zihluleka lapha ezaseMphit­hi zizolithol­a elinye ithuba uma sezidlala owamanqamu weNedbank Cup neFree State Stars ngoMeyi 19. Umpetha walo mqhudelwan­o uzomela iNingizimu Afrika kwiConfede­ration Cup. Kule sizini amaqembu adlale kuyo, yiCape Town City neSuperSpo­rt United. Womabili ahlulekile wukubekisa indawo kweyamaqoq­o eqhubekayo njengamanj­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa