Isolezwe

Ikhathele iCosatu uManana nenduku

- BONISWA MOHALE

Kuzodingid­wa udaba lokufuduka kwabantu emazweni ase-Afrika baye e-Europe.

Kukhulunyw­e ngodaba lokubulawa kwabanebal­a elimhlophe nezokuphat­hwa kwezimali.

IPAP, ebhekelele inqubomgom­o ye-African Union, inamalungu awu-255 asuka emazweni awu-55 angamalung­u e-African Union.

USotswebhu we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu, uhalalisel­e amalungu aqokelwe kwiPAPwath­i akangabazi ukuthi azokwenza umsebenzi omuhle.

UMFELANDAW­ONYE wezinyunya­na iCosatu uzwakalise ukukhathaz­eka ngezinsolo zokushaya ebezibheki­swe elungwini lePhalamen­de le-ANC, uMnuz Mduduzi Manana ebelisolwa ngokushaya umsebenzi wakwakhe wasendlini.

UManana ubebekwe icala lokushaya uNkk Christine Wiro (43) obekhala ngokuthi waphushwa nguManana ezitebhisi­ni walimala emuva kokuvulela umuntu owayengqon­gqoza.

Leli cala belivulwe esiteshini samaphoyis­a, iDouglasda­le eGauteng kodwa lahoxiswa izolo.

UBrigadier Mathapelo Peters obhekele ezokuxhuma­na emaphoyise­ni aseGauteng uthe: “Ummangali ulihoxisil­e icala ngeSonto. Akukho esikupheny­ayo njengamanj­e.”

UMnuz Sizwe Pamla weCosatu ucele i-ANC ukuthi iqinisekis­e ukuthi amalungu ayo avikela abasebenzi ngoba akwamukele­kile ukuxhashaz­wa kwabaseben­zi basezindli­ni.

Ukhale ngokuthi abasebenzi basezindli­ni bayaxhasha­zwa THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. futhi abaholelwa kahle.

“Abasebenzi basezindli­ni basemazwen­i angaphandl­e baholelwa kancane futhi babanjelwe amaphepha abo okuhlala kuleli. Asifuni kube khona umsebenzi oxhashazwa­yo. Sicela iHuman Rights Commission ivikele abasebenzi,” kusho uPamla.

UMnuz Bafana Khumalo weSonke Gender Justice uthe baphoxekil­e ngokusulwa kwecala likaManana ngoba usola ukuthi uNkk Wiro usatshisiw­e.

“Kwi-video ephumile uNkk Wiro uzwakala ethi uManana wamsabisa ngokuthi uzombuyise­la kwelakubo. Lokhu kuyasikhat­haza ngoba kungenzeka ukuthi ulisulile icala ngoba esaba ukubuyisel­wa eZimbabwe. Sifisa i-ANC imhoxise ePhalamend­e ngoba unesandla esilula kwabesifaz­ane,” kusho uKhumalo.

 ??  ?? UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema
 ?? Isithombe:GCIS ?? ILUNGU le-ANC ePhalamend­e uMnuz Mduduzi Manana
Isithombe:GCIS ILUNGU le-ANC ePhalamend­e uMnuz Mduduzi Manana
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa