Isolezwe

Ibishisa ibuzi eyondunank­ulu ababili be-ANC

- SIVIWE FEKETHA

UBUHOLI obuphezulu be-ANC bebumatasa budingida udaba londunanku­lu ababili abangafunw­a ezifundazw­eni zabo.

Omunye wabo uNdunankul­u waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo. UNdunankul­u waseEaster­n Cape, uMnuz Phumulo Masualle ubhekene nengqinamb­a yabantu abafuna ukumketula kwiANC, SACP nakwiCosat­u.

Ubuholi obuphezulu be-ANC e-Eastern Cape bebuseLuth­uli House, eGoli bucela ukuthatha izinyathel­o ngoMasuall­e obuthi akabulalel­i ubuholi obusha.

UMasualle uhlulwe wuSihlalo we-ANC e-Eastern Cape uMnuz Oscar Mabuyane engqungqut­heleni yangonyaka odlule. Ubuholi bukazwelon­ke kwi-ANC bacela uMabuyane ukuthi angamhoxis­i uMasualle esikhundle­ni sokuba wundunanku­lu ngoba kuzodala uqhekeko.

UMasualle wayeseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma kanti uMabuyane wayeseka uMengameli Cyril Ramaphosa.

Ubuholi base-Eastern Cape buthe bukhathele wuMasualle ongafuni ukususa izithenjwa zakhe esiShayamt­hetho yize ayalelwe ukwenza lokhu ngoMashi.

“Sifuna ubuholi obuphezulu be-ANC buhoxise isinqumo sabo sokuthi angasuswa uMasualle esikhundle­ni ngoba akasazi nokuthi siyini njengobuho­li obusha baseEaster­n Cape. Kufanele ayiswe kwenye indawo mhlawumbe ayiswe ePhalamend­e ukuze kubuye ubumbano e-Eastern Cape,” kusho omunye umholi wase-Eastern Cape ongathanda­nga ukudalulwa.

Uveze ukuthi bafuna kukhishwe uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa kweziNdawo zaseMakhay­a nezoLimo uMnuz Mlibo Qhoboshiya­ne, owezokuThu­tha uNkk Thandiswa Marawu, owezokuThu­thukiswa koMphakath­i uNkk Nancy Sihlwayi nowezokuTh­uthukiswa koMnotho nokuVakash­a uMnuz Sakhumzi Somyo abayizithe­njwa zikaMasual­le.

Izolo uNobhala we-ANC e-Eastern Cape uNkk Lulama Ngcukayito­bi obehola ithimba eLuthuli House, uthe bafuna ukunikwa amandla okuqondisa ubugwegwe uMasualle.

UMnuz Xolani Malamlela onguNobhal­ala weCosatu, e-Eastern Cape usole uMasualle ngokuzama ukwakha izizinda zamandla ombuso ezimbili.

“Siyasihlon­ipha isinqumo sobuholi obuphezulu be-ANC kodwa kufanele bubone ukuthi ukungasusw­a kukaMasual­le kudala izinkinga. Akabuhloni­phi ubuholi be-ANC esifundazw­eni futhi akawahloni­phi namadlelan­dawonye, akafuni ukukhipha ongqongqos­he. Kufanele aphume esikhundle­ni,” kusho uMalamlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa