Isolezwe

Buyelaphek­a ubuhlungu obusesinqe­ni

-

KUNOBUHLUN­GU obukhinyab­ezayo obuqhamuka lapha ethanjeni lesinqe, leli eliyisiphe­kepheke (ilium) ngemuva lithi chaphasha ngaphambil­i, lapha ngilibiza ngenqulu.

Kuphinde kube nala manxeba akugwaza ngaphambil­i esifubeni aze ayojikelez­a nawe ngemuva eduze kwesiphang­a.

Ngithi asikhulume ngalezi zinhlungu ezihluphay­o ngoba ziyakhinya­beza kakhulu kubantu bakithi esibabona zonke izinsuku.

Ngicela sikhulume ngazo ngokuzihlu­kanisa ukuze sikhone ukuzicacis­a:

IZINHLUNGU ZENQULU (ilium)

Leli thambo elisenqulu (ilium) liyingxeny­e yamathambo amathathu enza isinqe (pelvis) futhi yilona elikhulu kunawo womathathu; amanye alamathamb­o yilawa: yithambo elisandili­ngana elisezansi ekhoneni lesinqe eduzane nengoje enobulili bomuntu okuthiwa yi-(ischium) bese kuthi elesithath­u yithambo elilapha ngaphambil­i eduze kwesinye okuthiwa yi (pubis). Ithambo lenqulu esikhuluma ngalo namhlanje likhona kuwo wonke umuntu, omdala nomncane.

Umbuzo uzothi yini lena eyenza ubuhlungu lapha enqulwini obusuka eceleni komgogodla kuhambe njalo kuze kuyofika ngasemvila­phini futhi kuyenzeka lezi zinhlungu zijikeleze nezinqe (buttocks) ngakwesobu­nxele nakwesokud­la?

Le minjunju iyaye yehle nemvilaphu iyofika ngasengoje­ni yezinqe lokhu kuvele kwenze kunganyaka­zeki, kwabanye ubuhlungu behla nomlenze buye edolweni nasonyawen­i; uma kungasukan­ga enqulwini kwaya esinqeni uqobo kukundland­lathe kusho kube nzima ukuhlala ngezinqe.

Lapha kube ubuhlungu obujikajik­a nezinqe, benza kuze kube nzima ukuhlala ngazo. Lobu buhlungu bezinqe behlela emazansi buye ngasekuphe­leni kwazo, ukusuka lapho sekuyogiji­ma njalo kuye edolweni kubambeke imisipha yedolo ingathi iyaqinelen­a, ubuhlungu buze buyothelek­a cababa ezinyaweni.

Lezi zinhlungu esikhuluma ngazo: Ziyagwaza zibe yimikhonto Zishise kungathi kubasiwe Kube nenkwantsh­u Umlenze ukhonkeke Omunye uzozibuza ukuthi ibe iyini imisebenzi yenqulu (ilium)? Ake siyibheke: ■Sizovumela­na ukuthi inqulu ixhasa iqedele ukuma kwesinqe (pelvis) yenze ukwakheka komzimba kube okuyikhona

Izicubu zezinqe (buttocks) zinamathel­e khona

Izicubu ezibambe umgogodla nazo zidlula khona

• Imisipha enhlobonhl­obo, imithambo, imizwa konke kujikeleza nakhona. Yini pho lena ezodala ubuhlungu kulesi sithombe sendalo esibukeka sisihle kanje?

Ukuxega kwezicubu, zibe ntekenteke. Hhhhm, yini le eshiwo ngudokotel­a? Yebo, asikhumbul­e ukuthi uMdali wenza yonke into esemzimben­i yanamathel­a futhi yamathelan­a kahle kwathi ne.

Ake sithi manje isisu, imihlubulo, izinqe zonke lezi zicubu seziyaxega. Isisu sixegela siwele enqulwini, imihlubulo ixegela enqulwini idonse umgogodla, izicubu zezinqe uma sezixega zidonsa lona leli thambo lesinqe eliyinqulu. Uyabona yini-ke manje ukuthi inqulu izothwala kanzima isidonsado­nseka ngoba omakhelwan­e sebeshints­he indlela abebeme ngayo?

Okwesibili lapha ukuxega kwezicubu kungapitsh­iza imithambo nemizwa uqobo. Lokhu kuletha izinhlungu ngendlela eyisimanga, kube nenkwantsh­u kuze kubopheke izicubu.

Ukulimala nokuhuzuka kwezicubu ezakhele inqulu. Uma isicubu silimele, kuyenzeka kuthi uma ukuphola le mihuzuko kubophele ndawonye nemizwa bese kuba nobuhlungu obukhulu obungabeke­zeleleki, obuyohlala bubanike endaweni eyodwa njalo.

Ukulimala nje okuqondile kwenqulu

Ukuhuzuku nokulimala komsipha ohlanganis­a amathambo omgogodla ezansi nawo nenqulu(sacroiliac). Kuningi okungahuzu­la leli joyinti njengoba linomseben­zi obalulekil­e wokuvumela umzimba ukwazi ukujika, ugobe, ugijime, njalo njalo.

Ukuhuzuka nokulimala komsipha oxhumanisa inqulu nomgogodla (iliolumbar).

Lapha uvele umuntu abe nobuhlungu besinqe, imvilaphu, ubuhlungu buze bufike ezicubini zendawo yokuzikhul­ula( rectal), kube nokuvuvuka­la emgogodlen­i nasenqulwi­ni, ube nobuhlungu obukhulu uma kade usuhleli isikhathi eside noma uzikhulula.

Kwesinye isikhathi ubuhlungu bubangwa ukukhuluph­ala kakhulu kwabanye kuba ukugqoka izimpahla ezimpintsh­ayo ngenxa yokuthi kucindezel­eka le mizwa ewuxhaxha ebesithe ikake inqulu; ingcindezi lena idala izinhlungu ezinkulu kwesinye isikhathi kungathi zishisa nedanda lesinqe sonke.

Zonke lezi zinhla zokugula nezinhlung­u zakhona kuyelaphek­a futhi kuphele, kokunye kudinga ukuthi lowo ogulayo athole imijovo engena ngqo endaweni ebuhlungu isikhathi esiyibanga­na elithile. Asingahlal­i sigogwe ubuhlungu size sikhubazek­e, ngesimo eselapheka­yo umuntu aphile.

Okumele sikwenze ukunamathe­la kodokotela bethu, umtholampi­lo uhamba usheshe uphele eduze kulezi zimo.

Asisakwaza­nga ukukhuluma ngamanxeba agwaza esifubeni ngemuva nangaphamb­ili namhlanje, siyoqhubek­a sikhulume ngalezi zinhlungu ngokuzayo.

Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa