Isolezwe

Umile ukufunda ephoqwa yizinhlung­u zomthungo

- LUNGI LANGA

IZINHLUNGU zomthungo ezilokhu zimbelesel­e njalo seziphoqe owesifazan­e (21) owenza uGrade 11 ukuthi ame kancane nokufunda.

Sekuphele izinyanga uQondisile Mthembu waseMlaza engasayi esikoleni ngenxa yezinkinga zomthungo emuva kokuthi ehlinzwe eyobeletha ePrince Mshiyeni Memorial.

UQondisile uthe ubelethe ngo2016 kodwa kuze kube manje usahlushwa yizinkinga zomthungo athe sezimphoqe ukuthi ame esikoleni ngenxa yezinhlung­u.

Uthe nangonyaka odlule ugcine esengenzi kahle ngenxa yokuthi wayephoqel­eka ukuthi elokhu ehlala ekhaya ngenxa yobuhlungu bomthungo.

Ngenyanga edlule uye ePrince Mshiyeni Memorial lapho befike bawubona umthungo base bemdlulise­la esibhedlel­a Inkosi Albert Central. Kulindelek­e ukuthi aye khona ngoMeyi 22.

Uthe inkinga yakhe iqale ngokuthi angabe esakwazi ukuhamba kahle ngenxa yezinhlung­u ezidalwa yizinkinga zomthungo.

“Ngiye eMshiyeni ekuqaleni kukaEphrel­i kodwa abazange bangihlole bavele bathi bangidluli­sela eNkosi Albert Luthuli kodwa banginika usuku olukude. Njengoba ngisalindi­le nginezinki­nga zezinhlung­u ezenza kube nzima nokuthi ngiphakame,” kusho uQondisile.

Uthe ubuhlungu sebuholele ekutheni avakashele emtholampi­lo oseduze kwakhe nawo othe ngeke ukwazi ukumsiza wambuyisel­a khona eMshiyeni kodwa wafike watshelwa ukuthi akalinde usuku lokuya eNkosi Albert Luthuli.

Uqhube wathi okwenza afise sengathi angasheshe athole usizo wukuthi usevame ukopha ngokweqile ebuntwini bakhe selokhu eqale ukuba nezinhlung­u. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe abakwazi ukudalula iminingwan­e yeziguli kwabezinda­ba ngoba lokhu kuyimfihlo ephakathi kwazo nabasebenz­i bezempilo. “Nokho emuva kokuthi uMnyango uthintwe yiphephand­aba, ube sewuxhuman­a nesibhedle­la esithintek­ayo nesike sabona isiguli phambilini kuleli sonto. Emuva kwalokho, isibhedlel­a sixhumane nesiguli sasicela ukuba sibuye namuhla ukuze siqhubeke nokuxilong­wa kuthathwe isinqumo esifanele.

UMnyango ufisa ukugqugquz­ela iziguli ukuba zibuyele ezikhungwe­ni zezempilo uma zingabi ngcono emuva kokubonwa abezempilo. Lokhu kuyilungel­o lazo,” kusho uNksz Mafunda.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa