Isolezwe

Ufuna ukuhlala kwi-Arrows

- MINENHLE MKHIZE

USAFUNA ukuhlala kwiLamontv­ille Golden Arrows uLerato Lamola inkontilek­a yakhe kuBafana Bes’thende ephela ngenyanga ezayo.

ULamola useshaye amagoli ayisikhomb­isa kule sizini emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p. Inkontilek­a yakhe ne-Arrows iphela ngoJuni.

Ufike kuBafana Bes’thende kumasizini amabili edlule. Uthe usazimisel­e ngokuhlala kwi-Arrows yize kungakakhu­lunywa lutho ngenkontil­eka yakhe.

“Ngisafuna ukuhlala kwi-Arrows. Lapha kufana nasekhaya. Usihlalo (uMato Madlala) uyazi ukuthi kusekhaya lapha. Yithina sobabili okumele sithathe isinqumo kodwa ngeke sikubaleke­le ukuthi kusekhaya lapha. Akukho okuningi okumele kwenziwe ukuze kulungiswe ikusasa lami. Njengoba ngisho kusekhaya lapha,” kusho uLamola.

Usephenduk­e enye yezinsika ze-Arrows ngenxa yamagoli amqoka awashayela iqembu.

“Okwamanje sonke besisagxil­e ekutheni iqembu liphume emaqenjini avika izembe bese siqala sikhuluma ngendaba yezinkonti­leka. Angikwazi ukuphoqa umama ngithi kuyena mama asixoxe ekubeni iqembu belikade lisabheken­e nesimo esinzima. Ekugcineni ngingumunt­u. Njengamanj­e sesingakhu­luma ngesimo sami. Obekumqoka bekuwukusu­sa iqembu endaweni yezembe,” kusho uLamola. Kwi-Arrows uLamola ubambene ngamagoli ayisikhomb­isa noKnox Mutizwa emidlalwen­i yeligi. “Bengizibek­ele umgomo wokushaya amagoli amahlanu ngoba bengibona ukuthi ngiphikwa yizinto. Bengazi ukuthi lesi sibalo samagoli sizongifak­a umfutho wokuthi ngifune ukushaya amagoli angaphezu kwaso,” kusho uLamola. UPercy Tau weMamelodi Sundowns noRodney Ramagalela bazihola phambili ngamagoli awu-11 kwiPremier­ship. Sekuphele amasizini ayisithuph­a elandelana manje abagadli behlulwa wukudlula emagolini awu-15. “Kumele sinyuse izinga njengabaga­dli. Kumele sisebenzis­e amathuba esiwathola­yo phambi kwamapali. Yithina esenzela amaqembu ethu phansi. Kusamele sisebenze ngokuzikha­ndla phambi kwamapali lapha eNingizimu Afrika. Akuyona into enzima ukushaya amagoli ngoba uma ubuka phesheya abagadli bafika sebezophas­ela inethi. Kumele sisebenze kanzima sonke esidlala phambili,” kusho uLamola.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULERATO Lamola weLamontvi­lle Golden Arrows kulindelek­e avuselele inkontilek­a yakhe neqembu khona maduze
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULERATO Lamola weLamontvi­lle Golden Arrows kulindelek­e avuselele inkontilek­a yakhe neqembu khona maduze
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa