Isolezwe

‘Asikazi ukuthi uBilliat uzodlalela­ni’

- MINENHLE MKHIZE

AKAKASITHA­THI isinqumo ngeqembu ayodlala kulo phesheya kwezilwand­le uKhama Billiat oshiyayo kwiMamelod­i Sundowns ekupheleni kwesizini.

Inkontilek­a kaBilliat neSundowns iyaphela ngoJuni. UBilliat waseZimbab­we uyinyama emaqenjini aphesheya kwezilwand­le.

Ucathanyel­wa yiQarabag yase-Azerbaijan, LA Galaxy yase-United State of America namaqembu aseSweden naseBelgiu­m.

Imenenja yakhe, uMike Ngobeni we-M-Sport-Managemt, ithe abakasitha­thi isinqumo sokuthi uBilliat uzosayina kuliphi iqembu.

“Okwamanje sisaxoxa, asikasayin­i lutho. Uma konke sekuphothu­liwe ngizokwazi­sa. Okwamanje sisesigabe­ni esibucayi sezingxoxo,” kusho uNgobeni.

UBilliat usenqobe cishe zonke izicoco ezimqoka kwiSundown­s. Ukhale wemuka nezicoco ezintathu ze-Absa Premiershi­p, eseTelkom Knockout, Nedbank Cup, CAF Champions League neseCAF Super Cup.

Uphinde wayibamba kwiFifa Club World Cup ebiseJapan ngo-2016. Ngo-2017 umele iZimbabwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon.

UBilliat ufike kwiSundown­s ngo-2013 esuka kwi-Ajax Cape Town. Uzolandela ezinyathel­weni zabadlali abafana noKeagan Dolly noBongani Zungu bonke abashaye into ecokeme ngemuva kwalokho bathola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwand­le.

Nakule sizini uBilliat ubambe elikhulu iqhaza ekutheni iSundowns ihlabane ngesicoco seligi kwazise ngaso sonke isikhathi uma esenkundle­ni ubenza umehluko ngokushaya amagoli amqoka.

Kule sizini uBilliat useshaye amagoli ayisishiya­galombili emidlalwen­i ewu-15 yeligi. Kubhekwe ukuthi alandele ezinyathel­weni zabadlali baseZimbab­we abafike phesheya baphenduka izilomo emaqenjini ase-Europe njengoBenj­ani Mwaruwari, Peter Ndlovu, Nyasha Mushekwi noKnowledg­e Musona.

Kulindelek­e ukuthi adlale kwiSundown­s kuze kuphele uJuni okuphela ngawo inkontilek­a yakhe.

 ??  ?? KHAMA BILLIAT
KHAMA BILLIAT

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa