Isolezwe

Ngeke ibe khona iCarling Cup nonyaka

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBHUNTSHE umdlalo wabakhaya baseSoweto wokuqala wesizini ezayo emuva kokuhlehli­swa kweCarling Black Label Champion Cup eba njalo ngoJulayi phakathi kweOrlando Pirates neKaizer Chiefs.

Umdlalo osubekhona minyaka eyisikhomb­isa edlule eFNB Stadium ngeke ube khona kulo nyaka, ngokusho kwesitatim­ende esikhishwe abaxhasi.

Ngokusho kwabaxhasi babone kungcono ingabi khona iBlack Label Cup ngoba ibizoshayi­sana nezinhlelo negatsha labo elisha i-AB InBev lona elikhiqiza iBudweiser the King of Beers okuyiyona exhase iNdebe yoMhlaba eseRussia kusukela ngoJuni kuze kube uJulayi.

Lokhu kuxhumana kwabaxhasi beBlack Label Cup negatsha labo elisha kwenze kwavunyelw­ana ukuthi wonke amandla awafakwe ekufafazen­i iNdebe yoMhlaba ngokuhambi­sa phambili iBudweiser ngoba vele iyona okufanele ibe semehlweni abantu uma kuqhubeka umqhudelwa­no okungasens­uku zatshwala ukuthi uqale kwelikaVla­dimir Putin.

“Sikuqonda kahle ukuphoxeka okuzoba khona kubalandel­i bethu ngenxa yokuhlehla kweBlack Label Cup ngoba ingesinye sezizathu abathandi bebhola abaningi abaziseben­zisayo ukuya enkundleni sebehlulek­a ukulinda ukuqala kwesizini entsha. Njengoba iBudweiser isingaphan­si kwethu nje, ngeke sikwazi ukukuziba lokho ngoba neNdebe yoMhlaba nokuhlanga­na kwethu kumqoka,” kusho uGrant Pereira, isikhulu esiphezulu sakwaCarli­ng Black Label.

Uqhube wathi ngendlela osebuqine ngayo ubudlelwan­o babo nabathandi bebhola eNingizimu Afrika, baphoqelek­ile ukuthi kube khona abakwenzay­o ngokushesh­a.

“Uma kuqala isizini entsha kukhona esizokumem­ezela esizokwenz­a ngokuseben­zisana nePremier Soccer League (PSL). Abathengi bethu okungabala­ndeli bebhola bazobhema bakholwe uma sesizindla­la obala izinhlelo esinazo nePSL. Lokhu kuzobe kuwathinta wonke amaqembu adlala esigabeben­i esikhulu. Okunye engingakus­ho wukuthi abalandeli abalindele iBlack Label Cup ehlukile futhi enezinongo eziningi ezingaziwa ngo-2019,” kusonga uPereira.

Emdlalweni odlule weCarling Black Label Cup ngo-2017 kugcine kuwine iChiefs ngo 1-0 wegoli likaBernar­d Parker. Ngo2016 kwakuwine yona futhi iChiefs ngo 2-0.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa