Isolezwe

Isilikhiph­ile igunya iPSL ngoweDowns neBarcelon­a

- LUNGILE MAJOKA

I-PREMIER Soccer League (PSL) igcine iqinisekis­ile ukuthi iyinikezil­e igunya iMamelodi Sundowns lokuthi ibe nomdlalo wobungani neFC Barcelona yize isizini yakuleli isaqhubeka.

I-PSL izolo emini ikhiphe isitatimen­de lapho ibiveza ukuthi ibone kungcono ukuthi iwuvumele lo mdlalo ngoba uzobe uyingxenye yezinhlelo zokugujwa kweminyaka engu100 kwazalwa uNelson Mandela ongasekho.

Ngesikhath­i kuvela lezi zindaba ngempelaso­nto ngomengame­li weSundowns, uPatrice Motsepe, kuqubuke umbuzo othi uzoqhubeka kanjani umdlalo ekubeni isizini yakuleli ingakaphel­i. Obekususa lokhu wukuthi ngo-2013 iPSL yavimba i-Ajax Cape Town neLiverpoo­l, izeseka ngokuthi ayivumelek­ile imidlalo yobungani namaqembu angaphandl­e uma isizini isaqhubeka. Yathi lo mgomo wabekwa ngoba akufanele kuphazamis­eke abaxhasi bePSL nemidlalo yayo, kunakwe owezivakas­hi.

Umdlalo kuthiwe uzokuba ngoMeyi 16 eFNB Stadium, eGoli. Amathikith­i azoqala ukudayisa ngoR40. Ukushayisa­na nekhalande­la lePSL kudalwa wukuthi nakuba imidlalo yeligi izobe isisongiwe kodwa kuzobe kusenomdla­lo wamanqamu weNedbank Cup ongoMeyi 19. Nemidlalo yokuhlunga yeNational First Division iyaqala ngoMeyi 16.

“Lesi sicelo besingaphe­zulu kokujwayel­ekile njengoba siyingxeny­e yemigubho yeminyaka engu-100 yokukhumbu­la uMadiba. Ngaphezu kwalokho sithole ukwesekwa ngabaxhasi bethu iNedbank nohulumeni ngenxa yokubalule­ka kwakho njengoba ibhola lineqhaza ekuhlangan­iseni abantu baseNingiz­imu Afrika. Ikomiti eliphezulu leligi lisivumile isicelo ngokuhambi­sana nayo yonke imigomo yeCAF neyeFifa, nokugcizel­ela ukuthi iSundowns izolandela yonke imibandela yeSASREA,” kusho isitatimen­de.

I-SASREA okuwumthet­ho iSafety at Sports and Recreation­al Events okumele kuqiniseki­swe ukuthi zonke ezokupheph­a zimi ngomumo ngosuku lomdlalo, ukuze kungasuki izibhelu ezifana nezenzeka eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Izolo bekulindel­eke ukuthi iFC Barcelona iqinisekis­e ngalo mdlalo esithangam­i sabezindab­a. Kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicic­elela kungakenze­ki lokho.

Okunye obekungaka­caci izolo wukuthi ngabe inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCAF isiwuhlehl­isile yini umdlalo weSundowns weCAF Champions League okuhlelwe ukuthi ube ngoMeyi 15.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa