Ufuna ukuhlala kwi-Arrows
USAFUNA ukuhlala kwiLamontville Golden Arrows uLerato Lamola inkontileka yakhe kuBafana Bes’thende ephela ngenyanga ezayo.
ULamola useshaye amagoli ayisikhombisa kule sizini emidlalweni ye-Absa Premiership. Inkontileka yakhe ne-Arrows iphela ngoJuni.
Ufike kuBafana Bes’thende kumasizini amabili edlule. Uthe usazimisele ngokuhlala kwi-Arrows yize kungakakhulunywa lutho ngenkontileka yakhe.
“Ngisafuna ukuhlala kwi-Arrows. Lapha kufana nasekhaya. Usihlalo (uMato Madlala) uyazi ukuthi kusekhaya lapha. Yithina sobabili okumele sithathe isinqumo kodwa ngeke sikubalekele ukuthi kusekhaya lapha. Akukho okuningi okumele kwenziwe ukuze kulungiswe ikusasa lami. Njengoba ngisho kusekhaya lapha,” kusho uLamola.
Usephenduke enye yezinsika ze-Arrows ngenxa yamagoli amqoka awashayela iqembu.
“Okwamanje sonke besisagxile ekutheni iqembu liphume emaqenjini avika izembe bese siqala sikhuluma ngendaba yezinkontileka. Angikwazi ukuphoqa umama ngithi kuyena mama asixoxe ekubeni iqembu belikade lisabhekene nesimo esinzima. Ekugcineni ngingumuntu. Njengamanje sesingakhuluma ngesimo sami. Obekumqoka bekuwukususa iqembu endaweni yezembe,” kusho uLamola. Kwi-Arrows uLamola ubambene ngamagoli ayisikhombisa noKnox Mutizwa emidlalweni yeligi. “Bengizibekele umgomo wokushaya amagoli amahlanu ngoba bengibona ukuthi ngiphikwa yizinto. Bengazi ukuthi lesi sibalo samagoli sizongifaka umfutho wokuthi ngifune ukushaya amagoli angaphezu kwaso,” kusho uLamola. UPercy Tau weMamelodi Sundowns noRodney Ramagalela bazihola phambili ngamagoli awu-11 kwiPremiership. Sekuphele amasizini ayisithupha elandelana manje abagadli behlulwa wukudlula emagolini awu-15. “Kumele sinyuse izinga njengabagadli. Kumele sisebenzise amathuba esiwatholayo phambi kwamapali. Yithina esenzela amaqembu ethu phansi. Kusamele sisebenze ngokuzikhandla phambi kwamapali lapha eNingizimu Afrika. Akuyona into enzima ukushaya amagoli ngoba uma ubuka phesheya abagadli bafika sebezophasela inethi. Kumele sisebenze kanzima sonke esidlala phambili,” kusho uLamola.