‘Asikazi ukuthi uBilliat uzodlalelani’
AKAKASITHATHI isinqumo ngeqembu ayodlala kulo phesheya kwezilwandle uKhama Billiat oshiyayo kwiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini.
Inkontileka kaBilliat neSundowns iyaphela ngoJuni. UBilliat waseZimbabwe uyinyama emaqenjini aphesheya kwezilwandle.
Ucathanyelwa yiQarabag yase-Azerbaijan, LA Galaxy yase-United State of America namaqembu aseSweden naseBelgium.
Imenenja yakhe, uMike Ngobeni we-M-Sport-Managemt, ithe abakasithathi isinqumo sokuthi uBilliat uzosayina kuliphi iqembu.
“Okwamanje sisaxoxa, asikasayini lutho. Uma konke sekuphothuliwe ngizokwazisa. Okwamanje sisesigabeni esibucayi sezingxoxo,” kusho uNgobeni.
UBilliat usenqobe cishe zonke izicoco ezimqoka kwiSundowns. Ukhale wemuka nezicoco ezintathu ze-Absa Premiership, eseTelkom Knockout, Nedbank Cup, CAF Champions League neseCAF Super Cup.
Uphinde wayibamba kwiFifa Club World Cup ebiseJapan ngo-2016. Ngo-2017 umele iZimbabwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon.
UBilliat ufike kwiSundowns ngo-2013 esuka kwi-Ajax Cape Town. Uzolandela ezinyathelweni zabadlali abafana noKeagan Dolly noBongani Zungu bonke abashaye into ecokeme ngemuva kwalokho bathola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.
Nakule sizini uBilliat ubambe elikhulu iqhaza ekutheni iSundowns ihlabane ngesicoco seligi kwazise ngaso sonke isikhathi uma esenkundleni ubenza umehluko ngokushaya amagoli amqoka.
Kule sizini uBilliat useshaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni ewu-15 yeligi. Kubhekwe ukuthi alandele ezinyathelweni zabadlali baseZimbabwe abafike phesheya baphenduka izilomo emaqenjini ase-Europe njengoBenjani Mwaruwari, Peter Ndlovu, Nyasha Mushekwi noKnowledge Musona.
Kulindeleke ukuthi adlale kwiSundowns kuze kuphele uJuni okuphela ngawo inkontileka yakhe.