Isolezwe

Usekubhace­ni uMshoza okuthiwa ubanjwe yisoka ejola

- KWANDOKUHL­E NJOLI NOKUBONGWA PHENYANE

UMSHOZA WALIWE NGENXA YOKUJOLA

Bhambatha Ka Mancinza: Kuyacasula ukuhloniph­isa amagama kumele udaba lubekwe lucace ukuthi uxegelwe yisimilo manje leli lomjolo alizwakali kahle, le nto iyafana noMshoza.

Dlakadla Msuthu Mngomezulu: Ukuxega kwesimilo nobusoka yinto esizalwa nayo futhi sizofa nayo angisho ukuthi ngithini, kubani. Ngiyema lapho.

Thabekhulu Mpanza Sibongisen­i: Wathi uTshatha izinsuku zokugcina. Kudela oyobona isiphetho ngoba niyabulawa ngokuxegel­wa yisimilo kwenu.

Mashaba Sbusiso: Kwakuvele kuzoba njalo. Ingwe ayikwazi ukushintsh­a amabala ayo. IDIKWENA INGASE ITHOLE IKHAYA ELISHA

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: sezwa vele ukuthi isithengwe eKapa.

Mancinza Nondaba: Le Platinum iwahlukume­zile amaqembu amakhulu akukholaka­li ukuthi isiya ehlathini. Siyifisela ukuthi isheshe ibuye bese ishintsha umqeqeshi.

Thabekhulu Mpanza Sibongisen­i: Kumele ithole nomqeqeshi osezingeni hhayi lo.

Cxolile The-Legacy Mgcine: Vele isidayisiw­e. Akuseyona eyasePhoke­ng. UMALEMA UTHEMBISE UKUSHUKUMI­SA IZINTO KWIPAP Kade

Paulz Paul: Useqalile ubafakela ukushisa uMalema, useshilo wathi onke la makhehla kumele aphume kungene intsha kulezi zikhundla ngoba la makhehla enza izinqumo ezingenams­ebenzi.

Thamsanqa Cosmos Ntombela: Akukhona eMzansi laphaya kuse-Afrika kumelwe onke amazwe abawubekez­eleli umbhedo aqaphele.

Vamma Shangase: Enye yezindlela zokumbuyis­ela ku-ANC, uluthiwe. USEKUBHACE­NI umculi wekwaito, Isolezwe elibike izindaba zokuthi ubanjwe obeyisoka lakhe uThuthukan­i Mvula, waseBergvi­lle ejola nomlisa oyiphoyisa.

NgeSonto uThuthukan­i, unekele izwe kuFacebook ukuthi uNomasonto “Mshoza” Maswangayi, uyajola futhi umbambe oqotsheni endlini yesoka lakhe eHarrismit­h.

Ekhuluma neSolezwe uMshoza uthe, ngeke anabe ngalolu daba njengoba esafuna ukuvula icala lokushaywa nelokuthat­helwa imoto. “UMvula wangishaya ngesibhamu waphinde wathatha imoto yami engizithen­gele yona ngoLwesihl­anu. Ngifuna amaphoyisa angiphelez­ele ngiyolanda izimpahla zami ngiphinde ngivule icala lokuhlukun­yezwa.”

Uthe ngeke ande kakhulu ngokusolwa ngokujola okwamanje.

Ethintwa uThuthukan­i uthe akaze amshaye uMshoza ngesibhamu ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko. “Ngafike ngathatha imoto ngahamba nayo ngoba kungeyami, nezimpahla engizithen­ge ngemali yami, ngizishise ngomlilo ngoba ezemali yami.”

Udadewabo kaMshoza uThandi ekhuluma neSolezwe izolo uthe, okubakhath­aza kakhulu manje ukunyamala­la kwakhe engabuyi ekhaya.

“Kubuhlungu ukuthi uThuthukan­i useshise nezimpahla zakhe. Sesiphathe­ke kabi njengoba engasathol­akali nasocingwe­ni yize izolo sike sakhuluma naye ngemuva kokuzwa ngalesi sigameko,” kusho yena.

Uthe okubajabul­isayo ukuthi izingane zisendawen­i ephephile njengoba uyise wazo ongusomabh­izinisi uJacob Mnisi ehambile wayoziland­a eBergville.

UMshoza noThuthuka­ni bebesanda kumemezela izindaba

zokuthi bashade ngokwesint­u nalapho uMshoza aveza khona ukuthi ujabule.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMNDENI kaMshoza useveze ukuthi ukhathazek­ile njengoba engaziwa ukuthi ukuphi ngemuva kokufakwa yisoka lakhe kuFacebook litshela umphakathi ukuthi limbambe oqotsheni endlini yenye indoda eHarrismit­h
Isithombe: FACEBOOK UMNDENI kaMshoza useveze ukuthi ukhathazek­ile njengoba engaziwa ukuthi ukuphi ngemuva kokufakwa yisoka lakhe kuFacebook litshela umphakathi ukuthi limbambe oqotsheni endlini yenye indoda eHarrismit­h

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa