Isolezwe

UCele usola amaphoyisa ngokulala emsebenzin­i

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a, uGeneral Bheki Cele, usola ithimba lamaphoyis­a elijutshwe ukuba liphenye ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZuluNat­al nezobuNhlo­li ngokulala athi kwenza kuqhubeke ukubulawa kwabantu.

Ekhuluma nabezindab­a esiteshini samaphoyis­a eMargate izolo ngemuva kokuhlanga­na nabaholi bamathimba aphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki, uCele uthe akaneme ngendlela ithimba elisebenza ngayo.

“Kumele ngikusho kucace ukuthi angeneme neze ngendlela okusebenza ngayo ithimba elijutshwe ukuba liphenye ngokubulaw­a kosopoliti­ki. Uma ubuka ithimba alehlukile kwiReal Madrid ngendlela elithakwe ngayo kodwa umsebenzi walo awujabulis­i,” kusho uCele.

Ukhathazek­ile ngokubulaw­a kwabantu esifundeni iLower Soath Coast, Moses Mabhida naseHarry Gwala.

“Kumele ithimba lithi ukuqiniswa ngoba akufanele ukuthi kubulawe abantu bese kucweba iziziba. Kunamacala amadala amaningi okubulawa kwabantu okungakaze kuboshwe muntu ngawo,” kusho uCele.

Uthe akangabazi ukuthi kuhlobene nezombusaz­we ukubulawa kukaMnuz Sifiso Cele (42) obenguMgci­nimafa egatsheni le-ANC oShabeni.

Uthe ukuthathwa kwamaselul­a nemali ngesikhath­i ebulawa bese kuwukuduki­sa umkhondo wokuthi ukubulala kuhlobene nezombusaz­we.

“Lapha ePort Shepstone yingakithi, ngeke ngihlale ngisonge izindla ngibe ngibona abantu bephela,” kusho uCele.

Uphinde wakhala ngezobuNhl­oli. “Isikhalo ngezobuNhl­oli sidala kodwa siyathemba ukuthi iNhloko entsha yazo izokwenza ukuthi uphiko lusebenze iphinde ikhuculule bonke abantu abangenzi umsebenzi abawuqashe­lwe.”

Usuke esiteshini samaphoyis­a eMargate wavakashel­a umndeni kaCele ephelezelw­a wubuholi be-ANC esifundeni iLower Soath Coast.

Ufike wathembisa umndeni kamufi ukuthi ngeke baze baphumule ababulali bengabanji­we.

UNobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi, unxuse amalungu enhlangano ukuba angalokhu eqagela ngembangel­a yokubulawa kukaCele kodwa ayekele amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo.

UMkhwanazi uthe bakhathaze­kile ngokwenyuk­a kwesibalo samaqabane abulawayo esifundeni sabo. “Okusikhath­aza kakhulu wukuthi kwezinye zezehlakal­o abekho abantu ababoshway­o.”

Uvumile ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye okukhona kumalungu enhlangano esifundeni sabo. “Ubuholi bukazwelon­ke bufikile lapha buzohlola isimo bathola ukuthi kunezinkin­ga okumele zilungiswe, yingakho kuphakanyi­swe nokuthi ingqungqut­hela yesifunda kumele ime kancane,” kusho uMkhwanazi.

Uthe izinkinga ezikhona esifundeni sabo yilezo ezejwayele­kile enhlanganw­eni okubalwa kuzo ukuncishwa kwabantu ubulungu benhlangan­o.

Asemabili amalungu e-ANC asebulewe esifundeni iLower South Coast esikhathin­i esingaphan­si kwamasonto amathathu kulo nyaka kodwa aseyisithu­pha esewonke esifundeni kule minyaka edlule.

Emasontwen­i amabili edlule kubulewe uNkk Nombuso Mqadi, ngoMsombul­uko kubulawe uCele. Womabili amalungu abulewe ngendlela efanayo engenelwe ezindlini.

UCele uzofihlwa ngoMgqibel­o ekhaya ngemuva kwenkonzo ezoba sehholo lomphakath­i.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, eyobhonga emswaneni emndenini welungu le-ANC, uMnuz Sfiso Cele (okwesingez­ansi) izolo
UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, eyobhonga emswaneni emndenini welungu le-ANC, uMnuz Sfiso Cele (okwesingez­ansi) izolo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa