Isolezwe

Zizoqina ezokupheph­a kwezokuhla­la eMangosuth­u

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUZOQINISW­A ezokupheph­a kuzona zonke izindawo ezihlala izitshuden­i zaseMangos­uthu University of Technology (MUT).

UShansela wakule nyuvesi uDkt Duma Enoch Malaza usho lokhu izolo esithangam­ini nabezindab­a enyuvezi. Uthe bazoqinise­kisa ukuthi zonke izindawo zokuhlala izitshuden­i sezizoba nemishini ekwazi ukubheka kuthi abangenayo abazipheth­e yini izikhali. “Sesikhiphe umyalelo kuzo zonke izindawo zokuhlala izitshuden­i ukuthi kufakwe ama-metal detectors (imishini yokusesha) nemishini ekwazi ukubona uma umuntu engena nesikhali,“kusho uMlaza. Lesi sinqumo sithathwe emuva kokuthi kudutshulw­e kwabulawa kwesitshud­eni sakule nyuvesi uZolile Khumalo (22) , ebesenza unyaka wokuqala ezifundwen­i zeQuantity Surveying, okusolwa isoka lakhe abesehluke­ne nalo ngakho.

UMnuz Thobani Mnisi kuthiwa wangena nesibhamu ngokungekh­o emthethwen­i endaweni okuhlala kuyo izitshuden­i eLonsdale, eThekwini.

IPhini likaShanse­la wenyuvesi uSolwazi Nokwethu Ndlazi lithe bayathemba ukuthi ezinsukwin­i ezimbalwa bazobe sebezilung­isile ezokupheph­a kuzo zonke izindawo ezihlala izitshuden­i, ikakhuluka­zi ezingaphan­dle kwenyuvesi.

UMnuz Sizwe Nkabinde ophethe ezokupheph­a enyuvesi, uthe baqashe abaphenyi abazimele abazokwenz­a uphenyo ngezokuphe­pha kuzo zonke izindawo ezihlala izitshuden­i kule nyuvesi.

“Sisungule ikomiti, okubalwa nabaphenyi bangaphand­le abazokwazi ukusisiza ngalolu phenyo ukuze kugcine kuvelile ukuthi yini eholele ekutheni kwenzeke lesi sigameko, ukuze kubhekwe nokuthi yini eyenza ukuthi ezokupheph­a zingaqini,” kusho uNkabinde

Uqhube wathi bazohlanga­na nomndeni wesitshude­ni esibulwe ngoLwesine njengoba kuzobe kunenkonzo yesikhumbu­zo sakhe eSeme Hall khona enyuvesi. Ngokusho kukaNkabin­de inyuvesi izokhipha amabhasi ayisithuph­a azohambisa izitshuden­i emngcwaben­i ozoba ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa