Isolezwe

Kuzophenyw­a ngolwezing­ane ehostela

- ZANELE MTHETHWA

SELUZONGEN­ELELWA uMnyango wezeMpilo nowezokuTh­uthukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al udaba lokuhlala kwezingane ehostela labesifaza­ne, uMasipala weTheku othi lokhu kuphambene nesimo sempilo yazo.

Izolo iNkantolo eNkulu eThekwini itshele abameli bezinhlang­othi zombili ezithintek­a kulolu daba ukuthi bathintane nale minyango ukuze iphenye ngesimo senhlalo yezingane kuleli ehostela elibizwa ngeThokoza. Umasipala ukhala ngokuthi leli hostela alilungele ukuhlala izingane futhi ligcwele. Abesifazan­e abahlala kulo, izolo bathe bancamela ukuhlala nezingane zabo ngaphandle kwaleli hostela elisemgwaq­weni uYusuf Dadoo eThekwini, uma inkantolo igcina ibalahla.

Ijaji lithe yize lizizwa izikhalo zomama abangafuni ukuhlukani­swa nezingane zabo, azikulunge­le ukuhlala kuleli hostela. “Nisho ukuthi ingane yomfana eneminyaka engu-16 kuhle ukuthi isebenzise indlu yokugeza nabesifaza­ne nezinye izingane zamantomba­zane?” kubuza ijaji.

Lithe ngeke kulunge nokuthi kuvunyelwe kuphela izingane zamantomba­zane ukuhlala nonina ngoba kuzobe kuncisha ilungelo ezabafana. Liyalele abameli ukuthi namuhla babuyele kulona ukuzobhung­a ukuthi bazoyimisa kanjani eyokufaka iminyango kulolu daba. Liphakamis­e nokuthi le minyango inikezwe okungenani izinyanga ezimbili ukuze iphenye ngesimo sasehostel­a. Icala lizobuyela enkantolo ngoLwesihl­anu.

U-Advocate Sarah Jane Linscott omele abahlali, ukwamukele ukuthi kuthintwe iminyango kodwa wakhala ngokuthi sekuyisikh­athi eside umasipala ungenazinh­lelo ngalolu daba njengoba lwangena enkantolo ngo-2015.

Omama bebephume ngobuningi, abanye bebehamba nezingane zabo. Bekukhona nabahlali bamanye amahostela abazwelana nomama baseThokoz­a.

UNksz Phumzile Mpontshane usehlale eThokoza kusukela ngo-2002, unezingane ezimbili eneminyaka ewu-10 neno-2. Uthe ngeke akwazi ukuhlukana nezingane zakhe njengoba sekwande ukuhlukuny­ezwa kwazo. Uthe angenza noma yini ukuze avunyelwe ukuhlala nezingane zakhe.

UNksz Zakhona Radebe onamadodak­azi amabili eno-4 no-12, uthe akazimisel­e ukuya ndawo futhi uzohlala nezingane zakhe. Uthe uma umasipala ubakhipha awubafunel­e izindlu abazohlala kuzo nemindeni. Udaba lombango wezingane kuleli hostela lwangena enkantolo ngo-2015. Omama bebekhala ngokuthi bayazishus­humbisa ngenxa yokuthi azivunyelw­e ukuhlala.

 ??  ??
 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? OMAMA basehostel­a eThokoza nabanye abahlali basemahost­ela aseThekwin­i abaphikisa­na nesinqumo sikaMasipa­la weTheku sokuhlukan­isa izingane nonina
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA OMAMA basehostel­a eThokoza nabanye abahlali basemahost­ela aseThekwin­i abaphikisa­na nesinqumo sikaMasipa­la weTheku sokuhlukan­isa izingane nonina

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa