I-ANC igxekwe ngokuvikela uGigaba
I-ANC igxekwe ngamalungu amaqembu aphikisayo ePhalamende ngokuvikela uNgqongqoshe wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba ongafuni ukulungisa umthetho i-Immigration Amendment Bill, yize sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye iNkantolo yoMthethosisekelo imcele ukuthi awulungise.
Izolo uGigaba noMqondisi Jikelele woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Mkhuseli Apleni nezinye izikhulu bebevele ePhalamende beyophendula ngezingqinamba zomnyango.
Umhlangano ubizwe emuva kokuthi uMnyango wezaseKhaya uthathe izinyanga eziyisishiyagalolunye ukulandela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo ewucela ukuthi ulungise isigaba esithinta ukuboshwa kwabantu bokufika abangene eNingizimu Afrika ngokungemthetho.
Inkantolo yomthethosisekelo yanika uMnyango umnqamulajuqu kaJuni nonyaka ukuthi kube sekulungiswe zonke izigaba zomthetho wabokufika eyayikhala ngazo.
U-Apleni utshele amalungu ePhalamende izolo ukuthi lolu daba lwafika esamisiwe ngoNovemba wonyaka odlule.
UMnuz Haniff Hoosen weDA uthe kuyihlazo ukuthi umnyango awukwenzi okushiwo yiNkantolo yoMthethosisekelo futhi uyaqhubeka nokubopha abokufika ngaphandle kokubashushisa.
Uthe ufuna ukwazi ukuthi imalini esichithiwe ngamacala athinta uMnyango wezaseKhaya ongalaleli.
UNkk Deborah Raphuti oyilungu le-ANC uthe kufanele umnyango ulandele okushiwo enkantolo ngoba kuzovikela wonke umuntu.
UNkk Hlengiwe HlopheMkalipi uthe uGigaba kufanele azikhulumele ePhalamende kungashiwo ukuthi makenze isitatimende okuyisiphakamiso esenziwe ngamalungu e-ANC. “Akasona isangoma, uyakwazi ukuzikhulumela. Asisho ukuthi uyena ongawulandelanga umthetho kodwa sithi njengoMphathi woMnyango kufanele asho okuthile ngokwenzeka emnyangweni wakhe. Angathuli kube sengathi uwupopayi, musani ukumvikela.”
Kodwa uNkk Raphuti uthe abavikeli muntu ngoba wonke umuntu kufanele aziphendulele ePhalamende.