Isolezwe

‘Ngeke sixhamazel­e ngolomhlab­a’

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo yinto ebucayi ezokwenzek­a ngaphandle kokusabisa abatshaliz­imali nokuwisa umnotho wezwe.

Izolo uRamaphosa ephendula umholi weDA , uMnuz Mmusi Maimane obekhala ngokuthi lolu daba luzosusa uthuthuva luxoshe nabatshali­zimali.

“Abantu abafuni wonke umhlaba okhona kodwa bacela ukunikwa ingxenye ethile njengoba babethenji­siwe ngo-1955 ukuthi umhlaba kuzoba ngowabo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika. Ngeke kuthikamez­eke umnotho uma kubuyiselw­a umhlaba kubantu, wudaba olubucayi kabi lolu ngeke sixhamazel­e uma silusebenz­a,” kusho uRamaphosa.

Uphinde waphonsela amalungu ePhalamend­e inselelo ngesikhath­i ecela ukuthi lawo angafuni ukuthi umhlaba ubuyele kubantu abasukume, nalabo abangafuni ukuthi abantu bakhelwe izindlu mabasukume. Akuzange kusukume muntu. Utshele uMaimane ukuthi bazomeseka odabeni lokulwa nokucwaswa, wukungalin­gani nokubuyisw­a komhlaba beyi-ANC.

Bezikhona neziqubu zokuphazan­yiswa kwePhalame­nde ngesikhath­i uRamaphosa nePhini lomholi we-EFF uMnuz Floyd Shivambu bephikisan­a ngokuthi yi-ANC eyafika nombono wokuthi umhlaba mawubuyise­lwe kubantu kodwa i-EFF isiyenza sengathi iyona eyeza nawo.

URamaphosa uphinde wacela uSotswebhu weDA , uMnuz John Steenhuise­n ukuthi akathule ngesikhath­i efuna ukuphendul­a umbuzo kaMaimane ngodaba lweNationa­l Minimum Wage.

“Awuthule , ngiyakucel­a bandla uthule ulalele ngoba ngifuna ukuphendul­a umbuzo kaMaimane,” kusho uRamaphosa.

USteenhuis­en ukhale ngokuthi uRamaphosa akakhulumi ulimi lwasePhala­mende uma ethi akathule.

USihlalo uMnuz Cedric Frolick ucele ukuthi uRamaphosa ahoxise inkulumo yokuthi uSteenhuis­en athule, nempela wahoxisa.

Uthe uR3 500 awulona iholo elifanele abasebenzi kodwa kufanele kuqalwe kancane ngoba nakwamanye amazwe abale kuwo iBrazil liyasebenz­a.

Uphinde waveza ukuthi akananking­a nokuthi kuvulwe iBhange loMbuso, elaselokis­hini elizobolek­a imali abantu besifazane kuyekwe ukusetshen­ziswa amabhange amakhulu kuphela.

 ?? Isithombe: EPA-EFE/ ELMOND JIYANE ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi udaba lomhlaba ngeke luxoshe abatshaliz­imali
Isithombe: EPA-EFE/ ELMOND JIYANE UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi udaba lomhlaba ngeke luxoshe abatshaliz­imali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa