Isolezwe

Sincoma uSemenya ngokudelis­a labo abanomona ngaye

-

UMA bonke abantu ababhekana nobunzima empilweni bengaba nesibindi njengomgij­imi uCaster Semenya, isizwe sethu besingahlu­ka kakhulu.

USemenya usehlukume­zeke kakhulu selokhu aqala ukugqama kwezokusub­atha emhlabeni kodwa akabanaki bonke labo abazama ukumthunaz­a nokufenyis­a umsebenzi omuhle asewenzile. Kunalokho lo msubathi ka-800m no-1500m uvele abancamise ngokushaya into ecokeme enkundleni labo abalwa naye.

Ngeledlule i-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF) ishaye umthetho othi uSemenya nabanye abagijimi abasesimen­i esifuze esakhe kuzomele badle imishanguz­o ezokwehlis­a ukukhiqize­ka kwe-testostero­ne emizimbeni yabo uma bezimisele ngokuqhube­ka kula mabanga (800m no-1500m). Uma bengazimis­ele ngokudla amaphilisi kuzomele benyukele kwi-5000m kuya phezulu.

Abaningi babone lokhu njengendle­la yokuhlasel­a uSemenya. I-IAAF ishaye umthetho uSemenya ebheke kwimpelaso­nto abezogijim­a kuyo i-1500m emlenzeni wokuqala weDiamond League, eDoha.

Njengokujw­ayelekile, uvele wenza into yamehlo ngempelaso­nto ephula irekhodi lakhe kwi-1500m ebelingu-4:00.71 aliqophe kumaCommon­wealth Games e-Australia ngenyanga edlule. Ushaye u-3:59.92 eshiya uNelly Jepkosgei waseKenya noHabitam Alemu wase-Ethiopia.

Akukho ukuqina ngomqondo okwedlula lokhu uma kukhona abantu abalwa nento enhle osuke uyenza. USemenya usekhombis­e kaningi ukuthi akafune kunaka abantu abakhuluma kabi ngaye kodwa into esemqondwe­ni wakhe ukugijima nokwephula amarekhodi.

Kuyajabuli­sa ukuthi uSemenya akazitholi eyedwa kule mpi njengoba inhlangano eyengamele ezokugijim­a eNingizimu Afrika, i-Athletics South Africa (ASA), iveze ukuthi izoludluli­sela kwiCourt of Arbitratio­n for Sport udaba oluthinta ukuphoqwa kwabesifaz­ane abane-testostero­ne ephezulu ukuthi basebenzis­e amaphilisi okuyehlisa.

Simncoma kakhulu uSemenya ngokubadel­isa inkani enkundleni labo abanomona ngempumele­lo yakhe kwezokusub­atha. Akaqhubeke nokuphakam­isela phezulu ifulegi laseNingiz­imu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa