Isolezwe

Ake kubhekwe uMasipala Umuziwaban­tu

-

MHLELI: Ngenyanga edlule uMasipala Umuziwaban­tu, ngokubambi­sana nesifunda Ugu, usethulele uhlelo lwentuthuk­o edidiyelwe nesabeloma­li sika-2018/2019.

Engakuqaph­ela wukungahle­leki kokwenziwa kwezinto. Ekusukeni sathola isimemo esasithi imbizo yemeya izoba sehholo lasePhumza ku-ward 10. Gwiqiqi isizoba ku-ward 5.

Umphakathi awuzange waziswe ngokwanele njengoba ezinye zezimoto zazifika zithwele abantu abathathu noma abane.

Engakuqaph­ela wukuthi iMeya yesifunda Ugu, uMhlonishw­a uChiliza, ayikwazi ukukhuluma nabantu ngoba uma ikhuluma iyabakhomb­a futhi ifuna babuze futhi basho into ezothokozi­sa izindlebe zayo. Ungimangaz­e esegqugquz­ela ukuthi umuntu edlwenguli­le akaqalwe ngamadoda endawo ambambabam­be kandukuba kubizwe amaphoyisa.

Ngalolo suku wafika nezinduku zokusimele­la ezibaliwe kuthiwa ezika-ward 5 kodwa ebe azi ukuthi ama-ward akhona mane (u-4, 5, 6 no-10). Wathembisa ukuthi ngeSonto lomhla ka 15 amanzi azobe esebuyile futhi ngeke esahamba kodwa ngikhuluma nje kawekho.

Ngomunye unyaka uke wathembisa ukuthi abantu besifazane aban-learners kaCode 14 bazothola usizo kumasipala kodwa namanje lutho. Inkinga yamanzi iyona esisokolis­a kakhulu.

Bengithemb­a ukuthi ukufika komhlonish­wa uDhlomo eWeza kuzokwenza umehluko kodwa lutho kuyazifane­la. IMeya yaseMumuzi­wabantu yasifikela nezinhlelo zangonyaka ophelile eyazethula enkundleni yezemidlal­o ePhumza kodwa alukho ushintsho, kuyafana nje. Kanti imali yazo ishonephi?

Ngomhlaka 18 imbizo ibikuward 3 khona bekukhishw­a izijumbana zokudla. Ngixakwa wukuthi kwa-ward 5 ayengekho. Kuyangicac­ela ukuthi abantu kabaphethw­e ngokufana, kukhona abasenhliz­iyweni kukhona abalena kude. KuMasipala Umuziwaban­tu uhlelo lokuqasha aluluhle ngoba sibona sekuthi memfu abantu kodwa isikhangis­o singasibon­anga. Kunabantu okuthiwa abakamhlon­ishwa iMeya uNciki.

Imeya ihlale ikhuluma amampunge futhi ngiyakuqap­hela ukuthi ingudlovuk­ayiphikisw­a ngoba imbizo ebeyihlang­anisa ama-ward amathathu bekuthiwe izoba ngomhla ka 22 kodwa ngoba elakhe izwi aliphikisw­a igcine ingolunye usuku.

Ugandagand­a wokulungis­a umgwaqo uke wangababik­ho unyaka wonke kuthiwa useThekwin­i uyolungisw­a. Ukugwema ukuwa kukamasipa­la wethu ngicela ukuthi uMvikeli woMphakath­i ake asondele kumasipala wethu ngoba kukhona okunuka saNtungwan­a. Ngiyathoko­za. Thubelihle Machi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa