Ake kubhekwe uMasipala Umuziwabantu
MHLELI: Ngenyanga edlule uMasipala Umuziwabantu, ngokubambisana nesifunda Ugu, usethulele uhlelo lwentuthuko edidiyelwe nesabelomali sika-2018/2019.
Engakuqaphela wukungahleleki kokwenziwa kwezinto. Ekusukeni sathola isimemo esasithi imbizo yemeya izoba sehholo lasePhumza ku-ward 10. Gwiqiqi isizoba ku-ward 5.
Umphakathi awuzange waziswe ngokwanele njengoba ezinye zezimoto zazifika zithwele abantu abathathu noma abane.
Engakuqaphela wukuthi iMeya yesifunda Ugu, uMhlonishwa uChiliza, ayikwazi ukukhuluma nabantu ngoba uma ikhuluma iyabakhomba futhi ifuna babuze futhi basho into ezothokozisa izindlebe zayo. Ungimangaze esegqugquzela ukuthi umuntu edlwengulile akaqalwe ngamadoda endawo ambambabambe kandukuba kubizwe amaphoyisa.
Ngalolo suku wafika nezinduku zokusimelela ezibaliwe kuthiwa ezika-ward 5 kodwa ebe azi ukuthi ama-ward akhona mane (u-4, 5, 6 no-10). Wathembisa ukuthi ngeSonto lomhla ka 15 amanzi azobe esebuyile futhi ngeke esahamba kodwa ngikhuluma nje kawekho.
Ngomunye unyaka uke wathembisa ukuthi abantu besifazane aban-learners kaCode 14 bazothola usizo kumasipala kodwa namanje lutho. Inkinga yamanzi iyona esisokolisa kakhulu.
Bengithemba ukuthi ukufika komhlonishwa uDhlomo eWeza kuzokwenza umehluko kodwa lutho kuyazifanela. IMeya yaseMumuziwabantu yasifikela nezinhlelo zangonyaka ophelile eyazethula enkundleni yezemidlalo ePhumza kodwa alukho ushintsho, kuyafana nje. Kanti imali yazo ishonephi?
Ngomhlaka 18 imbizo ibikuward 3 khona bekukhishwa izijumbana zokudla. Ngixakwa wukuthi kwa-ward 5 ayengekho. Kuyangicacela ukuthi abantu kabaphethwe ngokufana, kukhona abasenhliziyweni kukhona abalena kude. KuMasipala Umuziwabantu uhlelo lokuqasha aluluhle ngoba sibona sekuthi memfu abantu kodwa isikhangiso singasibonanga. Kunabantu okuthiwa abakamhlonishwa iMeya uNciki.
Imeya ihlale ikhuluma amampunge futhi ngiyakuqaphela ukuthi ingudlovukayiphikiswa ngoba imbizo ebeyihlanganisa ama-ward amathathu bekuthiwe izoba ngomhla ka 22 kodwa ngoba elakhe izwi aliphikiswa igcine ingolunye usuku.
Ugandaganda wokulungisa umgwaqo uke wangababikho unyaka wonke kuthiwa useThekwini uyolungiswa. Ukugwema ukuwa kukamasipala wethu ngicela ukuthi uMvikeli woMphakathi ake asondele kumasipala wethu ngoba kukhona okunuka saNtungwana. Ngiyathokoza. Thubelihle Machi