Isolezwe

UMasipala weTheku uzibopheze­le ekulweni nenkohlaka­lo

-

MHLELI: Impendulo ngencwadi esihloko esithi: Inkohlakal­o kubaphenyi benkohlaka­lo ephume kwiSolezwe lango-Ephreli 30, 2018.

UMasipala weTheku uwathathel­a phezulu onke amacala okukhwaban­isa nenkohlaka­lo. Sifisa ukunxusa umbhali ukuthi eze azobika zonke izinkinga zenkohlaka­lo ezenzeka oPhikweni lakwa-City Integrity and Investigat­ions Unit ukuze kuphenywe.

Lokhu angakubika ngqo ehhovisi lemenenja kamasipala, noma ehambe eyobika kuMvikeli woMphakath­i, ehhovisi lakwaCOGTA noma kunoma iyiphi inhlangano yezophenyo.

Uphiko lweCity Integrity and Investigat­ions lulwa nenkohlaka­lo kodwa alukho ngaphezu komthetho futhi uma kukhona izinsolo kuzophenyw­a.

Idolobha lifisa ukukucacis­a ukuthi bonke abasebenzi abaqashwe wuphiko lweCity Integrity and Investigat­ions banazo zonke izimfanelo ezingaphan­si kwe -Associatio­n for Certified Fraud Examiners. Ngokuba ngaphansi kwale nhlangano kusho ukuthi uzoyilande­la yonke imigomo yokuphenya neyokulwa nokukhwaba­nisa nenkohlaka­lo.

Izinsolo zokuqasha izihlobo nezokuqash­a abantu abangenazo iziqu zingamampu­nge futhi azinabo ubufakazi. Inhlololwa­zi iqhutshwa yithimba lezikhulu futhi kusuke kukhona nomsebenzi wophiko lakwaHuman Resources Unit.

Ukuqashwa kwabantu kuphasiswa yiNhloko yophiko, iNhloko yakwaHuman Resources nemenenja yedolobha. Ngakhoke kuningi okubhekway­o ukuze kuqiniseki­swe ukuthi kuqashwe umuntu ngokungenz­eleli futhi unazo zonke izimfanelo.

Ngifisa ukuphinde ngimnxuse umbhali wencwadi ukuthi alethe ubufakazi ukuze lolu daba kuzobhekwa­na nalo ngendlela efanele. Sipho Nzuza IMENENJA YEDOLOBHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa