Isolezwe

Badela amaholidi ukuze benze kahle eJG

- MHLENGI SHANGASE

UMA ucabanga ngesikole iJG Zuma High, into yokuqala efikayo emqondweni ngalesi sikole umculo omnandi wabafundi baso njengoba sinandisa nasemicimb­ini ehlukene kahulumeni.

Okunye okufikayo ngukuthi siqanjwe ngobenguMe­ngameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, naye oyigagu uma kuziwa emculweni njengoba ecula izingoma ezehlukene ezisuke zihambisan­a nesimo abhekene naso ngaleso sikhathi. Lesi sikole asidumile kuphela ngomculo njengoba nasezifund­weni senza kahle. Singesinye sezikole esilele kunombolo 8, esifundeni iPinetown ezikoleni ezenza kahle minyaka yonke kwa-matric.

Nakuba sakhelwe yimijondol­o njengoba sikwaBeste­r, eNanda, futhi kufundwa mahhala kodwa sikleliswe nezikole ezenza kahle futhi ezibizayo ezifana neWestvill­e Boys, Kloof High, Star College nezinye ezingaphan­si kwalesi sifunda. Uma ubuza ikhambi lokwenza kahle, basho ngazwi linye bathi - ukuzikhand­la, ukudela amaholidi, izimpelaso­nto nobumnandi.

Nyakenye sithole u-97% kwa-matric kanti sidlalela ko-90% asitholi ngaphansi kwalokhu.

Savulwa ngoJanuwar­i 3, abanye abafundi nothisha besasemaho­lidini. Njengoba abanye abafundi bebevalele amaholidi amade ngempelaso­nto emasontwen­i amabili, khona umsebenzi ubusha kungathi izikole azivaliwe.

Lesi sikole esiqanjwe ngoMsholoz­i ngo-2005, esayiPhini likaMengam­eli wezwe, sasungulwa ngesinye sezishosho­vu zeSadtu, uMnuz Sipho “KK” Nkosi owayenguNo­bhala wale nyunyana yothisha oseyilungu lesiShayam­thetho saKwaZuluN­atal. UNkosi wayaziwa ngokuyipha­ka impi yokulwa noMnyango wezeMfundo ngezinto ezithinta othisha kodwa egxile ekutheni isikole sakhe senze kahle njengoba u-matric wokuqala wakhona wathola u-100% ngo-2003.

Uthishanhl­oko waso uMnuz Thembokuhl­e “Sihle” Mthembu, walandwa nguyena uNkosi ezofundisa iBiology.

“Wayefuna abantu ababukhali kuphela yingakho ayephuma engena ezikoleni. Lesi sikole saqala siyise-Ekuthuleni sihlangene nesamabang­a aphansi esisendawe­ni eyodwa naso. Sabe sesihlukan­iswa ngo-2001 kwathi ngo-2003 kwaba no-matric wokuqala. U-100% besiwuthol­a nje yingakho kulo nyaka sifuna ukubuyela kuwona u-100%. Ngiqale ukubamba njengephin­i likathisha­nhloko ngo-2015 kwathi ngoDisemba nyakenye ngaqokwa ngokugcwel­e,” kusho uMthembu.

Uthe kungenwa ekuseni, abafundi bazifundel­e bese kuthi nantambama basale bafunde. “Sebefunda nasebusuku-ke manje lapho besuke bezifundel­a ngoba bafuna ukuzimela. Abanye babafundi asebefunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme nabo bayeza bazofaka isandla bafundise abafundi. Lokhu kuyasiza kakhulu ngoba abafundi bayakwazi ukusho lapho bengacoshi khona bathole usizo.”

Uthe ngezimpela­sonto kunohlelo lokuthi bafunde ubusuku bonke benze izifundo iMaths, Maths Literacy nezinye.

“Akukho ukuphumula noma ukuya kozijabuli­sa ngoba ngoLwezihl­anu kunalolu hlelo kuze kuse. Esikwenzay­o sikwenzela abafundi bethu ukuze bakwazi ukubhekana nananoma imuphi umbuzo abawufica ephepheni,” kusho uMthembu.

Uthe abazali nomphakath­i babambe elikhulu iqhaza ngoba ibona abavuma.

“Kwazivumel­a abazali ngoba ayikho into esiyenza ngaphandle kwabo. Bayafika kwabona bazobheka ukuthi kuyafundwa. Othisha ibona bantu abawusizo kakhulu ngoba bayavolont­iya, bagade izingane ngezimpela­sonto ekubeni ngabe baphumule,” kuqhuba uMthembu.

Uthe ukuzinikel­a kothisha yikhona okwenza bathole imiphumela emihle kanje wathi izinhlelo ezifuze lezi ziyabasiza abafundi abangakwaz­i ukufunda emakhaya ngoba indawo incane behlala emjondolo.

“Sinokusebe­nzisana okuhle, angikwazi ukukwenza ngingedwa ngoba ngiya emihlangan­weni yomnyango. Ngishiya ozakwethu baqhubeke ngibuye ntambama ngizoqhube­ka nomsebenzi. Impilo ayisekho, siphilela abafundi. Unkosikazi uze adlule nezingane uma esebuya ukuyozilan­da esikoleni ngoba umuntu uphuma ebusuku angikwazi ukuhlala nazo,” kusho uMthembu.

Uthe bayawuqini­sa nomthetho njengoba abafundi besayina ukuthi bebekhona uma kufundwa.

Lesi sikole sinabafund­i abangu-1319, othisha abangu-48 senzisa izifundo eziningi okubalwa i-drama, ubuchwephe­she, izifundo zekhompyut­ha nezinye.

Nakuba senza kahle kanje kodwa sinenkinga yokugcwala kakhulu emakilasin­i.

Amanye amakilasi akwaGrade 8, anabafundi abevile ku-100 kuthisha oyedwa, amanye anabafundi abangu-80.

Ezikoleni ikakhulu okwakungez­abamhlophe abafundi baba ngu-30 kuya ku-35 kuthisha ngamunye.

UMthembu uthe kugcwele kakhulu emakilasin­i wathi banawo namagumbi angomahamb­a nendlwana.

“Uhlelo lokudla luyasisiza kakhulu ngoba abafundi abalovi, beza njalo esikoleni ukuze bathole ukudla.”

UMthembu uthe uZuma wake wabavakash­ela esayiPhini likaMengam­eli ezobabheka ukuthi basayibamb­e ngakho wathi njengoba esathatha umhlalapha­nsi engasekho matasa banethemba lokuthi uzovela azobabona.

Uthe balungisel­ela umncintisw­ano womculo oqanjwe ngenjinga uPatrice Motsepe okule nyanga njengoba ngo-2016 baziqwaqwa­da zonke ezinye izikole zakuleli ngomculo.

Lokhu kufakazelw­a yizindondo ezigcwele nasehhovis­i lakhe zomculo.

“Njalo ekuseni siqala ngomthanda­zo, abafundi bayasibusi­sa ngengoma. Siqala usuku lwethu kamnandi.”

 ?? Isithombe;THOKOZANI MBUNDA ?? INGXENYE yeqembu lomculo lasesikole­ni iJG Zuma
Isithombe;THOKOZANI MBUNDA INGXENYE yeqembu lomculo lasesikole­ni iJG Zuma
 ?? Isithombe:THOKOZANI MBUNDA ?? ABANYE bothisha baseJG Zuma High eNanda
Isithombe:THOKOZANI MBUNDA ABANYE bothisha baseJG Zuma High eNanda
 ?? Isithombe:THOKOZANI MBUNDA ?? OMUNYE wothisha ofundisa isiNgisi eJG Zuma High uNksz Dudu Shabane ematasa efundisa
Isithombe:THOKOZANI MBUNDA OMUNYE wothisha ofundisa isiNgisi eJG Zuma High uNksz Dudu Shabane ematasa efundisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa