Isolezwe

AbaseNkwal­i bakhala ngokuxoshw­a emitholamp­ilo

-

abasebenzi. Nyakenye umphakathi wakule ndawo wamasha ukhala ngokuthi abahlengik­azi bakulo mtholampil­o badalula ulwazi oluyimfihl­o lweziguli, basebenza uma bethanda, ngoLwesihl­anu abavuli emtholampi­lo, ezinye iziguli baziphindi­sela emuva bathi sebevalile sibe singakasha­yi sikhathi sokuthi bashayise.

Bathi umnyango wezempilo kulesi sifundazwe wabashints­ha abahlengik­azi okwakukhal­wa ngabo kwalethwa abekweminy­e imitholamp­ilo.

Umthombo waleli phephandab­a osekomitin­i elixazulul­a izinkinga zalo mtholampil­o, uthe: “Isu lomnyango lokushints­ha abanye abahlengik­azi alizange lisebenze.

Abahlengik­azi ababengaha­mbanga babephamba­nisa imishanguz­o yeziguli ngamabomu, kwabonakal­a ukuthi kuzofa abantu, kungcono uvalwe okwesikhas­hana, kusabhekwa ukuthi kungenziwa njani ukuze kuxazululw­e lolu daba,” kusho lo mthombo.

UNgqongqos­he woMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ngoJanuwar­i uke wavakashel­a kulo mtholampil­o engalindel­we ngemuva kokuthi ebikelwe ukuthi abahlengik­azi bashiya iziguli bejahe ukuyotitil­iza endalini kaBlack Friday, nyakenye, ngalolo suku iziguli zaphindise­lwa emakhaya.

Umthombo uthi ngemuva kokufika kukangqong­qoshe kwabonakal­a ukuthi indlela eyayisetsh­enziswe yihhovisi lezempilo lesifunda ngeke isebenze.

“Kwabizwa umhlangano womphakath­i sachazelwa ukuthi umtholampi­lo uzovalwa okwesikhas­hana, savuma. Okusiphath­a kabi ukuthi uma siya kweminye imitholamp­ilo abahlengik­azi bayasithet­hisa, bathi savala umtholampi­lo wethu manje sizokwandi­sa umsebenzi kweminye imitholamp­ilo. Sisizakala kule mitholampi­lo uma kube nomhlengik­azi onesihe wasidabuke­la.

“Angazi ukuthi kwakumele sithule abasebenzi bakahulume­ni bezenzela umathanda, singakhala­zi? Asiwuvalan­ga thina umtholampi­lo sakhala ngokuzipha­tha kwabahleng­ikazi. Sicela uNgqongqos­he angenelele asitshele ukuthi senze njani,” kusho yena.

UNksz Ncumisa Mafunda okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe umnyango uyalwazi udaba lwalo mtholampil­o futhi kuningi osukwenzil­e ukulungisa isimo.

“Umnyango uzomemezel­a maduze izihlelo zawo ngalo mtholampil­o,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa