Isolezwe

Azoheha ngokwedlul­ele amabhishi esifundazw­eni iKwaZulu-Natal

- PHILI MJOLI

AMABHISHI aKwaZulu-Natal azothuthuk­iswa ukuze ahehe izivakashi ezichitha amaholidi esifundazw­e.

Lokhu kushiwo uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nezeMvelo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Zikalala. Uveze ukuthi umnyango unendathan­e yezinhlelo zokuthuthu­kisa ezomnotho osuziqalil­e.

UZikalala ubekhuluma esidlweni sasekuseni esandulele ukuvulwa ngokusemth­ethweni kweTourism Indaba, esibizwa nge-Africa’s Travel Indaba, eqale izolo, ezophela kusasa

Uveze ukuthi iTinley Manor Beach Resort izolungisw­a ngoR1.2 billion, iBlythedal­e Coast Resort izolungisw­a ngoR350 million, iPoint Waterfront izolungisw­a ngoR40 billion.

Uthe kuzolungis­wa nomgwaqo uWarwick ngoR1.3 billion nesikhungo okwenziwa kuso izingqungu­thela, iNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre.

Uqhube wathi bafuna ukuthi isifundazw­e ikwaZulu-Natal kube yisona esihamba phambili ngokudonsa izivakashi e-Afrika.

“Lokhu sizokwenza ngokuthi sihehe izivakashi eziningi eziphuma ngaphandle kwaleli, sigqugquze­le abantu bakuleli ukuthi bazijwayez­e ukuvakasha ngaphakath­i ezweni ngaphambi kokuthi bavakashel­e emazweni angaphandl­e.

Abantu bakulesi sifundazwe nabo sifuna ukuthi sibakhutha­ze ukuthi kube yibona abasazi kangcono isifundazw­e sabo ngokuvakas­ha ezikhungwe­ni nasezindaw­eni zokungcebe­leka ezikhona,” kusho uZikalala.

IPhini leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer lithe liyaziqhen­ya ngokuthi le ngqungquth­ela sekuphele iminyaka ewu-27 iba kuleli dolobha.

“ITheku ligabe ngokuba nezikhungo ezahlukene zokungcebe­leka, ukwehlukan­a kwazo kuholela ekutheni abantu beze kuleli dolobha ngezizathu ezihlukene, akulona ulwandle kuphela,” kusho iPhini leMeya.

UZikalala ubuye wamemezela ukuthi kusukela ngo-Okthoba kuzobe sekunendiz­a yakwaBriti­sh Airways ezosuka esikhumulw­eni sezindiza iKing Shaka iye eLondon ngqo.

“Ukuvulwa kwalo mzila sinethemba lokuthi kuzokwenza ukuthi kube lula ukuthi abantu bakulesi sifundazwe abangosoma­bhizinisi nabavakash­ela eLondon bangalokhu bexhuma, obekuchith­a isikhathi esiningi,” kusho uZikalala.

UNkk Phindile Makwakwa oyisikhulu esibambile kwiTourism KwaZulu-Natal uthe kunezihamb­eli ezingu-7000 eziphuma emazweni angaphandl­e kwakuleli ezizobe ziyingxeny­e ye-Africa’s Tourism Indaba.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa