Imifundaze yamaCA kubafundi abahlukene abawu-79
UMNYANGO woMgcinimafa KwaZulu-Natal uxhase abafundi abawu-79 ngemifundaze yokuba babe ngamaChartered Accountants (CA).
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weziMali, uNkk Belinda Scott, izolo ethula isabelo sezimali sikaR650 million somnyango wakhe esiShayamthetho eMgungundlovu.
Uthe lokhu kuyindlela yokusabela ekhweleni likaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, lokucija abasebenzi ngamakhono.
“Sibaxhasa sisebenzisa iThuthuka Bursary ukuze babe ngamaCA. Abafundi, abaqhamuka ezindaweni ezehlukene, bazosebenza emnyangweni uma sebephothule iziqu zabo,” kusho uNkk Scott.
Ukhale ngokubiza kophenyo olwenziwa ngumnyango wakhe oluthinta inkohlakalo eminyangweni kahulumeni nakomasipala.
Uthe uphiko lwabo oluphenyayo luhlale lubikelwa ngezinto okumele liziphenye.
“Izinsolo, ezinye zazo ezisuke zibucayi, ziyaphenywa. Lukhona uphenyo olukhona ngezinye izinsolo, ezinye sezaphenywa zadluliselwa ezinhlakeni ezifanele.”
Uthe banquma ukuthi kumele omasipala neminyango bakhokhe uma befuna kwenziwe uphenyo.
“Sizoqhubeka sisize iminyango nomasipala ngezinto ezithinta uphenyo. Siyazama ukwehlisa izindleko njengoba siqasha abantu ngezinkontileka eziba yizinyanga eziwu-12 uma kuphenywa.”
Uthe uphiko oluphenyayo lusebenzisana namaphoyisa nophiko lwezokushushisa.
Uncome iminyango ngokuthi isiyakwazi ukuphatha ngendlela imali.
“Ngenxa yezinhlelo zokonga imali sibona iminyango isihlela izinto ngendlela. Imali iba khona emabhange ize ibe nenzalo,” kusho uNkk Scott.
Uthe umqhudelwano iNelson Mandela Marathon abazange bayivale kodwa imisiwe wathi bathathe imali bayinika umnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zomdabu ukuthi uyisingathe.
Uqhube wathi benza konke okusemandleni ukusiza omasipala.
“Njalo abasebenzi bami kudingeka basize eminyangweni ehlukene. Badingeka kweminye iminyango, ngifana nomuntu ongenabo abasebenzi ngoba bayosiza kweminye iminyango.”
Mayelana nohlelo lwezinguquko ezinqala kwezomnotho uthe kunomgomo wesibili ozosiza ikakhulu omasipala neminyango mayelana nokuthenga impahla.
Uthe uma uphenyo selwenziwe bashiyela ezinhlokweni zomnyango ukuthi ziqhamuke nomkhombandlela. Akuwona umnyango wakhe onqumayo ngokumele kwenzeke.