Ungqongqoshe uwafuna emphakathini amaphoyisa
KUZOPHELA ukuhlala eziteshini kwamaphoyisa njengoba esezosondela emphakathin kusale kuphela labo abenza imisebenzi yasemahhovisi.
UMnyango wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal uqhamuka nohlelo lokuthi amaphoyisa kumele azinze emphakathini ukuze atholakale kalula kunokuthi umphakathi uhambe ibanga elide uya eziteshini zamaphoyisa.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz Mxolisi Kaunda, ethula isabelo sezimali sikaR214 million salo mnyango.
“Sifuna ukuthi amaphoyisa abe semphakathini. Eziteshini kuzosala labo abenza imisebenzi yasemahhovisi. Sifuna abonakale emphakathini. Kunesiteshi saseSawoti, isiteshi sisemobeni asikho emphakathini ngakho sona sizosala lapho kodwa amaphoyisa azoba semphakathini,” kusho uKaunda.
Okhulumela umnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe besebenzisana neziteshi bazothola indawo emphakathini ezosetshenziswa amaphoyisa.
“KwaNongoma isiteshi sisedolobheni kodwa ubugebengu kwenzeka emphakathini. Into ezokwenzeka ngukuthi kuzotholakala indawo, kungaba ihholo lapho amaphoyisa ezozinza khona asebenzele khona ukusondela emphakathini. Lokhu kuzosiza ekutheni abonakale eduzane, umphakathi ungaze uye kude ukuze uyobika ubugebengu,” kusho uNcalane.
UKaunda uthe bakwenza lokhu ngoba bengeke balinde imali yokuthi kwakhiwe iziteshi zamaphoyisa emphakathini ngoba ngendlela ezakhiwa ngayo zabekwa kude nomphakathi.
Uthe ukubulawa kwabantu kuyanyuka njengoba Inanda kuyiyona ndawo ehamba phambili ngezibalo zabantu ababulawa.
Ezinye izindawo okuyizizinda zokubulawa kwabantu yiseMlaza, KwaMashu, Mpumalanga, Ntuzuma, KwaDukuza, Chatsworth, Mariannhill nezinye.
“Ukubulawa kwabantu kwenzeka ngezimpelasonto. Abenza lawa macala abesilisa abaphakathi kuka-18 no-40. Siyawancoma amaphoyisa ngokuqoqa izibhamu ezingu-18 638 eminyakeni emine edlule.”
Uthe bazohlangana nezinkampani ezizimele zonogada, abanikazi bezibhamu ukuze izibhamu zingafinyeleli kubantu abangafanele.
Uqhube wathi bazobheka zonke izibhamu zabantu abashona, abanezimvume zokuzingela, bavakashele izinkampani ezizimele babheke ukuthi amalayisensi ezibhamu ayahambisana nezibhamu ezikhona.
Ubalule nokuthi angu-46 amaphoyisa abulawe esemsebenzini eminyakeni emibili edlule.
“Kwandile nokwebiwa kwemfuyo njengoba amaphoyisa ethole izinkomo ezingu-6697 ezebiwe, izimbuzi ezingu-3209, iziklabhu ezingu-1000, amahhashi angu-99, izingulube ezingu-31 nezimbongolo ezimbili. Abantu bashiya imfuyo yabo emaqeleni bangayilandi, enye yebiwa ukuze kwenziwe ngayo imisebenzi. Kubikelwa amaphoyisa vele isihlatshiwe ukuze kwenziwe ngayo umsebenzi yingakho kumele abantu bayifake uphawu.”
Uhlelo lokulwa nokuweliswa kwezimoto umngcele waseMozambique kuzodla uR50 million, kuzobekwa uR90 million wokuphucula isiteshi samaphoyisa eManguzi kuthengwe nezimoto ezingama-4X4.
Ubalule nokuthi nyakenye ibengu-530 imibhikisho yomphakathi ebekhona kulesi sifundazwe.
“Le mibhikisho izokwanda njengoba kuza ukhetho lwangonyaka ozayo. Kumele sibhekane nayo njengoba kwakhiwe ikomiti elizobhekana nayo.”
Uthe bazibheke ngabomvu izindawo okuvuka izimpi zamatekisi okubalwa KwaNdengezi, Msinga nezinye.