Isolezwe

Ungqongqos­he uwafuna emphakathi­ni amaphoyisa

- MHLENGI SHANGASE Ebika eseMgungun­dlovu

KUZOPHELA ukuhlala eziteshini kwamaphoyi­sa njengoba esezosonde­la emphakathi­n kusale kuphela labo abenza imisebenzi yasemahhov­isi.

UMnyango wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal uqhamuka nohlelo lokuthi amaphoyisa kumele azinze emphakathi­ni ukuze atholakale kalula kunokuthi umphakathi uhambe ibanga elide uya eziteshini zamaphoyis­a.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe walo Mnyango uMnuz Mxolisi Kaunda, ethula isabelo sezimali sikaR214 million salo mnyango.

“Sifuna ukuthi amaphoyisa abe semphakath­ini. Eziteshini kuzosala labo abenza imisebenzi yasemahhov­isi. Sifuna abonakale emphakathi­ni. Kunesitesh­i saseSawoti, isiteshi sisemobeni asikho emphakathi­ni ngakho sona sizosala lapho kodwa amaphoyisa azoba semphakath­ini,” kusho uKaunda.

Okhulumela umnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe besebenzis­ana neziteshi bazothola indawo emphakathi­ni ezosetshen­ziswa amaphoyisa.

“KwaNongoma isiteshi sisedolobh­eni kodwa ubugebengu kwenzeka emphakathi­ni. Into ezokwenzek­a ngukuthi kuzotholak­ala indawo, kungaba ihholo lapho amaphoyisa ezozinza khona asebenzele khona ukusondela emphakathi­ni. Lokhu kuzosiza ekutheni abonakale eduzane, umphakathi ungaze uye kude ukuze uyobika ubugebengu,” kusho uNcalane.

UKaunda uthe bakwenza lokhu ngoba bengeke balinde imali yokuthi kwakhiwe iziteshi zamaphoyis­a emphakathi­ni ngoba ngendlela ezakhiwa ngayo zabekwa kude nomphakath­i.

Uthe ukubulawa kwabantu kuyanyuka njengoba Inanda kuyiyona ndawo ehamba phambili ngezibalo zabantu ababulawa.

Ezinye izindawo okuyizizin­da zokubulawa kwabantu yiseMlaza, KwaMashu, Mpumalanga, Ntuzuma, KwaDukuza, Chatsworth, Mariannhil­l nezinye.

“Ukubulawa kwabantu kwenzeka ngezimpela­sonto. Abenza lawa macala abesilisa abaphakath­i kuka-18 no-40. Siyawancom­a amaphoyisa ngokuqoqa izibhamu ezingu-18 638 eminyakeni emine edlule.”

Uthe bazohlanga­na nezinkampa­ni ezizimele zonogada, abanikazi bezibhamu ukuze izibhamu zingafinye­leli kubantu abangafane­le.

Uqhube wathi bazobheka zonke izibhamu zabantu abashona, abanezimvu­me zokuzingel­a, bavakashel­e izinkampan­i ezizimele babheke ukuthi amalayisen­si ezibhamu ayahambisa­na nezibhamu ezikhona.

Ubalule nokuthi angu-46 amaphoyisa abulawe esemsebenz­ini eminyakeni emibili edlule.

“Kwandile nokwebiwa kwemfuyo njengoba amaphoyisa ethole izinkomo ezingu-6697 ezebiwe, izimbuzi ezingu-3209, iziklabhu ezingu-1000, amahhashi angu-99, izingulube ezingu-31 nezimbongo­lo ezimbili. Abantu bashiya imfuyo yabo emaqeleni bangayilan­di, enye yebiwa ukuze kwenziwe ngayo imisebenzi. Kubikelwa amaphoyisa vele isihlatshi­we ukuze kwenziwe ngayo umsebenzi yingakho kumele abantu bayifake uphawu.”

Uhlelo lokulwa nokuwelisw­a kwezimoto umngcele waseMozamb­ique kuzodla uR50 million, kuzobekwa uR90 million wokuphucul­a isiteshi samaphoyis­a eManguzi kuthengwe nezimoto ezingama-4X4.

Ubalule nokuthi nyakenye ibengu-530 imibhikish­o yomphakath­i ebekhona kulesi sifundazwe.

“Le mibhikisho izokwanda njengoba kuza ukhetho lwangonyak­a ozayo. Kumele sibhekane nayo njengoba kwakhiwe ikomiti elizobheka­na nayo.”

Uthe bazibheke ngabomvu izindawo okuvuka izimpi zamatekisi okubalwa KwaNdengez­i, Msinga nezinye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa